AmaHubo 91:11-13
AmaHubo 91:11-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngokuba uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulondoloze ezindleleni zakho zonke. Ziyokuphakamisa ngezandla zazo, unyawo lwakho aluyukuqhuzulwa yitshe. Uyonyathela ingonyama nebululu, ufihlize phansi ibhongo lengonyama nodrago.
Dlulisela
Funda AmaHubo 91AmaHubo 91:11-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulondoloze ezindleleni zakho zonke. Ziyakukuthwala ngezandla, ungaqhuzuki ngonyawo lwakho etsheni. Uyakunyathela ingonyama nebululu, unyathele phansi ibhongo lengonyama nodrako.*
Dlulisela
Funda AmaHubo 91AmaHubo 91:11-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngoba uzalaya izingilosi zakhe ngawe ukuthi zikulinde ezindleleni zakho zonke. Kumelwe bakuthwale ngezandla zabo, funa uqhuzuke unyawo lwakho etsheni. Uyakunyathela ingonyama nebululu; kufanele unyathele ibhongo lengonyama nodrako.
Dlulisela
Funda AmaHubo 91