AmaHubo 9:1-20
AmaHubo 9:1-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngiyakumbonga uSimakade ngenhliziyo yami yonke; ngilande ngazo zonke izimangaliso zakho. Ngiyakuthokoza, ngethabe kuwe; ngilihubele igama loPhezukonke. Lapho izitha zami, zibuyela emuva, ziyabhamazela, zibhubhe phambi kwakho. Ngokuba ungenzele ubulungiswa, wangikhipha phambili uhlezi esihlalweni sakho, wehlulela ngokulunga. Uzijezisile izizwe, wachitha izikhohlakali, walishabalalisa igama lazo ingunaphakade. Izitha ziphelile, zabhujiswa, wayisiphula imizi yazo, kwaphela nya ukukhunjulwa kwazo. USimakade umi kuze kube phakade; umisile isihlalo sakhe sokwehlulela. Uyakuwehlulela umhlaba ngokulunga, ehlulele izizwe ngobuqotho. USimakade uyinqaba kocindezelweyo, uyinqaba ngesikhathi sokuhlupheka. Abalaziyo igama lakho bethembela kuwe; Simakade awubalahli labo abakufunayo. Hubelani uSimakade ohlezi eZiyoni; memezelani izenzo zakhe phakathi kwabantu. Ungumphindiseli, uyabakhumbula, akabakhohlwa abahluphekileyo nabathobekile, akakukhohlwa ukukhala kwabo. Yiba nesihawu kimi, Simakade. Bona ukuhlupheka kwami abangilethela khona abangizondayo. Nguwe ongiphakamisa ngilengela egodini lokufa, ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngilande ngemisebenzi yakho; emasangweni endodakazi yaseZiyoni, ngithokoze ngokungisindisa kwakho. Abezizwe baphonseke phansi emgodini abawumbileyo, unyawo lwabo lwabhajwa enethini abangifihlele lona. USimakade uzibonakalisile, wenzile ukwehlulela ngezandla zakhe, ngokucekela phansi ababi. Sela Izikhohlakali ziyakubuyela endaweni yabafileyo, yebo, zonke izizwe ezikhohlwa nguNkulunkulu. Abampofu abasoze balibaleka; ithemba labathobekileyo nabahluphekileyo, aliyukunyamalala phakade. Vuka, Simakade! Ungavumi ukuqonelwa ngabantu. Izizwe mazehlulelwe phambi kwakho. Bathele ngovalo, Simakade, ukuze izizwe zazi ukuthi zingabantu nje. Sela
AmaHubo 9:1-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami; ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho. Ngiyakujabula, ngethabe kuwe; ngiyakudumisa igama lakho wena oPhezukonke, ngokuba izitha zami zibuyela emuva, ziwa, zibhubha ebusweni bakho, ngokuba ulimelele ilungelo lami nendaba yami, uhlezi esihlalweni sobukhosi, ungumahluleli olungileyo. Ujezisile abezizwe, wabhubhisa ababi; igama labo ulesulile kuze kube phakade naphakade. Izitha ziphelile, zachitheka kuze kube phakade; imizi wayisimbula, ukukhunjulwa kwayo kwaphela nya. UJehova uyabusa kuze kube phakade; isihlalo sakhe sobukhosi usimisela ukwahlulela; umhlaba uyakuwahlulela ngokulunga, athethe amacala ezizwe ngobuqotho. UJehova uyinqaba yocindezelweyo, uyinqaba ezikhathini zokuhlupheka. Nabalaziyo igama lakho bayakwethemba wena; ngokuba wena Jehova awubashiyi abakufunayo. Hubani nimdumise uJehova ohlezi eSiyoni; memezelani ezizweni izenzo zakhe ezinkulu. Ngokuba yena ophindisela igazi uyabakhumbula abahluphekayo; akakhohlwa ukukhala kwabo. Yiba nomusa kimi, Jehova; kubone engihlupheka ngakho ngabangizondayo wena ongiphakamisa emasangweni okufa, ukuze ngilande ngalo lonke udumo lwakho, ngethabe ngokusindisa kwakho emasangweni endodakazi yaseSiyoni. Abezizwe bashone phansi egebeni abalenzileyo; unyawo lwabo lubhajwe esihibeni abasifihlileyo. UJehova uzazisile, wahlulela; umcuphile omubi emsebenzini wezandla zakhe. Higayoni.* Sela* Ababi bayakubuyela endaweni yabafileyo, bonke abezizwe abakhohlwa uNkulunkulu. Ngokuba ompofu kayikukhohlakala njalo; ithemba labahluphekayo aliyikunyamalala kuze kube phakade. Vuka, Jehova! Mawungavumi ukuba abantu bahlule; abezizwe mabahlulelwe ebusweni bakho. Mabashaywe luvalo, Jehova; abezizwe mabazazi ukuthi bangabantu nje. Sela*
AmaHubo 9:1-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Ngiyakukubonga, Jehova, ngayo yonke inhliziyo yami; ngizakwazisa zonke izimangaliso zakho. Ngiyakujabula, ngethabe ngawe; Ngifuna ukudumisa igama lakho, O oPhezukonke. Lapho izitha zami zibuya, ziyakuwa, zibhubhe phambi kobuso bakho. Ngokuba ulimisile ilungelo lami nendaba yami; uhlezi esihlalweni sobukhosi wahlulele ngokufaneleyo. Ukhuzile abezizwe, wababhubhisa ababi, igama labo walesula kuze kube phakade naphakade. Wena sitha, incithakalo iphelile kuze kube nininini, uchithe imizi eyincithakalo; isikhumbuzo sabo sabhubha kanye nabo. Kepha uJehova uyakuma kuze kube phakade; umisile isihlalo sakhe sobukhosi ukwahlulela. Uyakwahlulela izwe ngokulunga, ahlulele abantu ngokulunga. UJehova uyakuba yisiphephelo kocindezelweyo, isiphephelo ngezikhathi zokuhlupheka. Abalaziyo igama lakho bayakwethemba wena, ngokuba wena Jehova awubashiyanga abakufunayo. Hlabelelani kuJehova ohlezi eSiyoni; memezelani phakathi kwezizwe izenzo zakhe. Lapho ecela igazi, uyazicabangela; Akakukhohlwa ukukhala kwabathobekile. Yiba nomusa kimi, Jehova; bheka usizi lwami engihlupheka ngalo kwabangizondayo, wena ongiphakamisa emasangweni okufa. Ukuze ngishumayele zonke izindumiso zakho emasangweni endodakazi yaseSiyoni; ngizakwethaba ngensindiso yakho. Abezizwe bacwila emgodini ababewenzile; enetheni bacasha, olwabo unyawo lwabanjwa. UJehova uyaziwa ngesahlulelo sakhe; omubi uhileleke emsebenzini wezandla zakhe. I-Higgaion. Sela. Ababi bayakuphendulelwa endaweni yabafileyo, nezizwe zonke ezikhohlwa uNkulunkulu. Ngokuba ompofu akayikukhohlakala njalo; ithemba labampofu aliyikubhubha phakade. Vuka, Jehova; ungavumeli umuntu akhungatheke; abezizwe makwahlulwe phambi kwamehlo enu. Zisabe, Jehova, ukuze izizwe zazi ukuthi bangabantu nje. Sela.