AmaHubo 78:5-7
AmaHubo 78:5-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba wamisa ubufakazi kwaJakobe, wabeka umthetho kwa-Israyeli, ayala ngawo obaba ukuba bafundise abantwana babo, ukuze isizukulwane esilandelayo sazi, abantwana abayakuzalwa, bavuke, batshele abantwana babo, babeke ithemba labo kuNkulunkulu, bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu, kepha bagcine imiyalo yakhe.
AmaHubo 78:5-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba wamisa ubufakazi kuJakobe, wamisa umthetho kwa-Israyeli, awuyala obaba ukuba bawazise abantwana babo. Ukuze isizukulwane esizayo sizazi, yebo, nabantwana abazozalwa; okufanele basukume bamemezele lokhu kubantwana babo. Ukuze bathembele kuNkulunkulu futhi bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu, kodwa bagcine imiyalo yakhe.
AmaHubo 78:5-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wamisa isiyalo kwaJakobe, washaya umthetho kwa-Israyeli, wayala ukuba okhokho bethu bawufundise abantwana babo, ukuze waziwe yisizukulwane esilandelayo, abantwana abayobazala nabo bavuke, batshele abantwana babo ngawo. Bayobeka ithemba labo kuNkulunkulu, bangakhohlwa yimisebenzi kaNkulunkulu, ukuze bagcine imiyalo yakhe.