AmaHubo 78:4-8
AmaHubo 78:4-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
asinakukufihla kubantwana babo, izindumiso zikaJehova zisitshele kuso isizukulwane esizayo, namandla akhe nezimangaliso zakhe azenzileyo. Ngokuba wamisa ubufakazi kwaJakobe, wabeka umthetho kwa-Israyeli, ayala ngawo obaba ukuba bafundise abantwana babo, ukuze isizukulwane esilandelayo sazi, abantwana abayakuzalwa, bavuke, batshele abantwana babo, babeke ithemba labo kuNkulunkulu, bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu, kepha bagcine imiyalo yakhe. Bangabi njengawoyise, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.
AmaHubo 78:4-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Asiyukubafihlela zona abantwana babo, kodwa siyotshela izizukulwane izibongo zikaSimakade, amandla akhe nemisebenzi emangalisayo ayenzileyo. Wamisa isiyalo kwaJakobe, washaya umthetho kwa-Israyeli, wayala ukuba okhokho bethu bawufundise abantwana babo, ukuze waziwe yisizukulwane esilandelayo, abantwana abayobazala nabo bavuke, batshele abantwana babo ngawo. Bayobeka ithemba labo kuNkulunkulu, bangakhohlwa yimisebenzi kaNkulunkulu, ukuze bagcine imiyalo yakhe. Bangabi njengawoyisemkhulu, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.
AmaHubo 78:4-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngeke sikufihlele abantwana babo, futhi esizukulwaneni esizayo siyomemezela izindumiso zikaJehova namandla akhe nezimangaliso zakhe azenzile. Ngokuba wamisa ubufakazi kuJakobe, wamisa umthetho kwa-Israyeli, awuyala obaba ukuba bawazise abantwana babo. Ukuze isizukulwane esizayo sizazi, yebo, nabantwana abazozalwa; okufanele basukume bamemezele lokhu kubantwana babo. Ukuze bathembele kuNkulunkulu futhi bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu, kodwa bagcine imiyalo yakhe. Bangabi njengoyise, isizukulwane esinenkani nesihlubukayo; isizukulwane esingalungisanga inhliziyo yaso, nomoya waso ungagxili kuNkulunkulu.