AmaHubo 78:1-72
AmaHubo 78:1-72 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bantu bami, yizwani umthetho wami, nibeke izindlebe zenu emazwini omlomo wami. Umlomo wami ngizowuvula, ngisho umfanekiso, ngizobonakalisa izimfihlakalo zasemandulo, izinto esezwa ngazo sazazi, esazitshelwa ngokhokho. Asiyukubafihlela zona abantwana babo, kodwa siyotshela izizukulwane izibongo zikaSimakade, amandla akhe nemisebenzi emangalisayo ayenzileyo. Wamisa isiyalo kwaJakobe, washaya umthetho kwa-Israyeli, wayala ukuba okhokho bethu bawufundise abantwana babo, ukuze waziwe yisizukulwane esilandelayo, abantwana abayobazala nabo bavuke, batshele abantwana babo ngawo. Bayobeka ithemba labo kuNkulunkulu, bangakhohlwa yimisebenzi kaNkulunkulu, ukuze bagcine imiyalo yakhe. Bangabi njengawoyisemkhulu, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu. Abantu bakwa-Efrayimi, sebehlomile bephethe iminsalo, babuyela emuva ngosuku lwempi. Kabasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu, benqaba ukuhamba ngomthetho wakhe. Bayikhohlwa imisebenzi yakhe nezimangaliso zakhe ayebabonise khona. Izimangaliso wazenza phambi koyisemkhulu eGibhithe, eZowani. Wehlukanisa ulwandle, wabadabulisa kulo, amanzi wawamisa anjengodonga. Emini wabahola ngefu, ubusuku bonke, ngokukhanya komlilo. Waqhekeza amadwala ehlane, wabaphuzisa benela, kungathi kuvela ekujuleni. Wenza kwagobhoza imithombo edwaleni, amanzi wawenza ageleza njengemifula. Nokho baqhubeka bona kuye, bamhlubuka Ophezukonke ehlane. Bamlinga uNkulunkulu enhliziyweni yabo ngokucela ukudla ababekufisa. Bakhuluma kabi ngoNkulunkulu, bathi: “UNkulunkulu angalendlala yini itafula ehlane na? Noma ashaya idwala kwaphuma amanzi, kwampompoza imifula; angabapha yini isinkwa noma abahlinzeke ngenyama abantu bakhe na?” Ngakho-ke lapho uSimakade ekuzwa lokho, wathukuthela, kwavutha umlilo kwaJakobe, ulaka lwakhe lwehlela ku-Israyeli, ngoba abakholwanga nguNkulunkulu, abaze bethembela ensindisweni yakhe. Nokho wayala amafu, wavula iminyango yezulu, wanisela phezu kwabo imana ukuze badle, wabapha ukudla kwasezulwini. Abantu badla isinkwa sezingelosi, wabathumelela insada yokudla. Wadedela umoya wasempumalanga ezulwini, ngamandla akhe waqhuba umoya waseningizimu. Wanisa inyama phezu kwabo njengothuli, nezinyoni ezinamaphiko zafana nesihlabathi solwandle. Lokho wakwehlisa phakathi kwenkambu yabo, naphakathi kwezindlu zabo. Badla basutha kakhulu, ngokuba Yena wabapha ababekufisa. Babengakehlukani nokufisa kwabo, besakumumethe ukudla kwabo emilonyeni, ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabo, wazibulala iziqhwaga, waziqumba phansi izinsizwa zakwa-Israyeli. Phezu kwakho konke lokho baqhubeka nokona, abaze bazikholwa izimangaliso zakhe. Ngakho-ke izinsuku zabo waziqeda njengomoya, neminyaka yabo, ngokwesaba. Lapho ebabulala, bamfuna, babuye bamfunisisa uNkulunkulu. Bakhumbula ukuthi uNkulunkulu uyidwala labo; uNkulunkulu Ophezukonke ungumkhululi wabo. Ngemilomo yabo babemthopha, kodwa beqamba amanga bngezilimi zabo. Inhliziyo yabo yayingabambelele kuye, bengathembekile esivumelwanei sakhe. Kepha Yena waba nobubele, wabathethelela ububi babo, akaze ababhubhisa, yebo, wazibamba kaningi olakeni lwakhe, wangayikhiphela kubo yonke intukuthelo yakhe. Wakhumbula ukuthi bangabantu nje, bangumoya owedlulayo ongenakubuya. Babemhlubuka kaningi kangakanani ehlane, bemdabukisa ogwadule! Bamlinga uNkulunkulu bephindelela, bemdabukisa oNgcwele ka-Israyeli. Kabazange bawakhumbule amandla akhe, nosuku abahlenga ngalo ezitheni, ngesikhathi enza izibonakaliso nezimangaliso eGibhithe, eZowani. Waphendula imifula yabo yaba yigazi, ukuze bangakwazi ukuphuza emithonjeni yabo. Wabathumelela izibawu ezabalumayo, namaselesele ababhubhisayo. Ukudla kwabo wakunika imiswenya, nomsebenzi wabo, isikhonyane. Imivini yabo wayibulala ngesichotho, nemikhiwane yabo, ngesangquma. Izinkomo zabo wazinikela esichothweni nezimvu nezimbuzi zabo, emibanini. Ukuvutha kolaka lwakhe wakuthululela phezu kwabo, ulaka, ukufutheka nokuhlupheka, ngokuthuma izithunywa zobubi. Walungisela intukuthelo yakhe indlela, akawuphephisanga umphefumulo wabo ekufeni, kepha wanikela ukuphila kwabo ezifweni. Washaya amazibulo wonke aseGibhithe, okokuqala kwamandla abo, emathendeni kaHamu. Kepha abantu bakhe wabakhipha njengezimvu, njengomhlambi wabahola ehlane. Wabahola kahle, abaze besaba; ulwandle lwazisibekela izitha zabo. Wabayisa emngceleni wakhe ongcwele entabeni eyayizungezwe yisandla sakhe sokunene. Waxosha abezizwe phambi kwabo. Wadabula izwe, wababela lona, laba yifa labo, izizwe zakwa-Israyeli wazihlalisa emathendeni azo. Nokho bamlinga, bamhlubuka uNkulunkulu oPhezukonke, abaze babugcina ubufakazi bakhe. Bahlehlela emuva, njengoyisemkhulu, bamkhohlisa, baphambuka njengomnsalo ogejile. Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo, bamcunula ngezithombe zabo. Ngesikhathi uNkulunkulu ekuzwa lokho wabathukuthelela, wamlahla impela u-Israyeli. Walilahla ithabanakeli eliseShilo, ithende ayelimise phakathi kwabantu bakhe. Amandla akhe wawanikela ekuthunjweni, nenkazimulo yakhe, esandleni sesitha. Abantu bakhe wabanikela enkembeni, ifa lakhe walithukuthelela. Izinsizwa zakhona zagwinywa ngumlilo, izintombi zakhona zangahayelwa nkondlo. Abaphristi bakhona bawa ngenkemba, abafelokazi bakhona abaze balila. INkosi yayisivuka kwasengathi ibikade ilele njengeqhawe elehlulwe yiwayini. Izitha zayo yazichithela emuva, yazithela ngehlazo elingunaphakade. Yayilahla indlu kaJosefa, ayaze yasikhetha isizwe sakwa-Efrayimi. Kepha yaqoka isizwe sakwaJuda, intaba iZiyoni eyithandayo. Indlu yayo engcwele yayakha njengezintaba, nanjengomhlaba ewusekele kuze kube phakade. Yakhetha uDavide, inceku yayo, yamthatha ezibayeni zezimvu. Wayeselandela izimvukazi ezenyisayo, yamthatha ukuba eluse abantu bayo, uJakobe nefa layo, u-Israyeli. Wabelusa ngenhliziyo eqotho. Wabahola ngesandla esinekhono.
AmaHubo 78:1-72 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Zwanini, bantu bami, umthetho wami, nibeke izindlebe zenu emazwini omlomo wami. Ngizakuvula umlomo wami ngomfanekiso, ngibonakalise izimfihlakalo zasendulo. Esikuzwileyo sakwazi, nawobaba abasitshela khona, asinakukufihla kubantwana babo, izindumiso zikaJehova zisitshele kuso isizukulwane esizayo, namandla akhe nezimangaliso zakhe azenzileyo. Ngokuba wamisa ubufakazi kwaJakobe, wabeka umthetho kwa-Israyeli, ayala ngawo obaba ukuba bafundise abantwana babo, ukuze isizukulwane esilandelayo sazi, abantwana abayakuzalwa, bavuke, batshele abantwana babo, babeke ithemba labo kuNkulunkulu, bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu, kepha bagcine imiyalo yakhe. Bangabi njengawoyise, isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo, isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso, nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu. Abantu bakwa-Efrayimi, sebehlomile bephethe iminsalo, babuyela emuva ngosuku lokulwa. Abasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu, benqaba ukuhamba emthethweni wakhe, bakhohlwa imisebenzi yakhe nezimangaliso zakhe abebabonisile zona. Wazenza izimangaliso emehlweni awoyise ezweni laseGibithe endaweni yaseSowani. Wahlukanisa ulwandle, wabawelisa; wamisa amanzi njengodonga. Wabahola ngefu emini, nobusuku bonke ngokukhanya komlilo. Waqhekeza amadwala ehlane, wabaphuzisa njengasotweni olujulileyo. Waphumisa edwaleni izifufula, wehlisa amanzi njengemifula. Nokho baqhubeka benza ukona kuye, baphambana noPhezukonke ehlane. Bamlinga uNkulunkulu enhliziyweni yabo ngokucela ukudla abakufisayo. Bakhuluma kabi ngoNkulunkulu, bathi: “UNkulunkulu angalungisa isithebe ehlane na? Bhekani, washaya idwala, kwaphuma amanzi, nemifula yampompoza; kepha angabanika nesinkwa, alungisele abantu bakhe inyama, na?” Ngalokho uJehova ekuzwa lokho wathukuthela, kwavutha umlilo ngoJakobe, ulaka lwavuka ngo-Israyeli; ngokuba abakholwanga nguNkulunkulu, abathembanga ensindisweni yakhe. Nokho wayala amafu phezulu, wavula iminyango yezulu, wanisa phezu kwabo imana* kube ngukudla, wabapha amabele ezulu; abantu badla isinkwa sezingelosi, bathunyelwa ukudla ngokugcweleyo. Waphumisa umoya wasempumalanga ezulwini; ngamandla akhe waqhuba umoya waseningizimu. Wawisa phezu kwabo inyama njengothuli, nezinyoni ezinamaphiko njengesihlabathi solwandle. Wakwehlisa phakathi kwekamu* labo naphakathi kwezindlu zabo. Badla, basuthiswa kakhulu; baphiwa abakufisayo. Bebengakahlukani nokufisa kwabo, ukudla kwabo kusesemlonyeni wabo, intukuthelo kaNkulunkulu yabavukela, wabulala abakhulupheleyo babo, wawisa phansi izinsizwa zakwa-Israyeli. Nokho bona njalo, abakholwanga yizimangaliso zakhe. Ngakho waqedela izinsuku zabo ezeni neminyaka yabo ovalweni. Lapho ebabulala, bamfuna; babuye bamfunisisa uNkulunkulu. Base bekhumbula ukuthi uNkulunkulu uyidwala labo; uNkulunkulu oPhezukonke ungumkhululi wabo. Kepha bamthopha ngomlomo wabo, baqamba amanga kuye ngolimi lwabo; ngokuba inhliziyo yabo yayingabambeleli kuye, bengathembekile esivumelwaneni sakhe. Kepha yena enesihawu wathethelela ububi babo, akabhubhisanga; yebo, wabamba kaningi intukuthelo yakhe, akavusanga lonke ulaka lwakhe. Wakhumbula ukuthi bayinyama, bangumoya odlulayo ongabuyiyo. Kwaba kaningi kangakanani bephambana naye ehlane, bemdabukisa kwahlongasibi. Babuye bamlinga uNkulunkulu, bamdabukisa oNgcwele ka-Israyeli. Abakhumbulanga isandla sakhe nosuku abahlenga ngalo ezitheni, lapho ezenza izibonakaliso zakhe eGibithe nezimangaliso zakhe endaweni yaseSowani. Waphendula lapho imifula yabo nemifudlana yabo yaba yigazi, ukuze bangabi nakuphuza. Wathumela phakathi kwabo izibawu ezabadlayo namasele ababhubhisayo. Wanika imiswenya ukudla kwabo, nomsebenzi wabo isikhonyane. Wabulala imivini yabo ngesichotho, nemikhiwane yabo ngesangquma. Wanikela izinkomo zabo esichothweni nezimvu zabo kuyo imibani. Waphonsa kubo ukuvutha kwentukuthelo yakhe, nolaka, nokufutheka, nokuhlupheka, ngokuthuma izithunywa zobubi. Walungisela intukuthelo yakhe indlela; akaphephisanga umphefumulo wabo ekufeni, kepha wanikela ukuphila kwabo ezifweni. Washaya amazibulo onke aseGibithe, okokuqala kwamandla abo ematendeni kaHamu. Kepha waphumisa abantu bakhe njengezimvu; wabahola ehlane njengomhlambi. Wabahola kahle, abaze besaba; kepha ulwandle lwasibekela izitha zabo. Wabayisa emnceleni wakhe ongcwele, entabeni esasiyizuzile isandla sakhe sokunene. Waxosha abezizwe phambi kwabo; edabula izwe wababela ifa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo. Nokho bamlinga, baphambana noNkulunkulu oPhezukonke, abaze bagcina imiyalo yakhe. Bahoshekela emuva, bakhohlisa njengawoyise, baphenduka njengomnsalo ogejayo. Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo, bamcunula ngezithombe zabo. UNkulunkulu ekuzwa lokho wathukuthela, wamlahla impela u-Israyeli. Walishiya itabernakele* laseShilo, itende abelimisile phakathi kwabantu. Wanikela amandla akhe ekuthunjweni, nenkazimulo yakhe esandleni sesitha. Wanikela abantu bakhe enkembeni, wathukuthelela ifa lakhe. Izinsizwa zabo zadliwa ngumlilo; izintombi zabo azihutshelwanga. Abapristi babo bawa ngenkemba; abafelokazi babo abaze balila. Yayisivuka iNkosi njengokade elele, njengesiqhwaga esikade sahlulwa yiwayini, yazishayela emuva izitha zayo, yazithela ngehlazo eliphakade. Yalahla indlu kaJosefa, ayikhethanga isizwe sakwa-Efrayimi. Kepha yakhetha isizwe sakwaJuda, intaba yaseSiyoni eyithandayo. Yayakha indlu yayo engcwele njengezintaba nanjengomhlaba ewusekeleyo kuze kube phakade. Yakhetha uDavide inceku yayo, yamthabatha ezibayeni zezimvu. Esalandele izimvukazi ezenyisayo, yamthabatha ukuba abeluse abantu bayo uJakobe, nefa layo u-Israyeli. Njalo wabelusa ngobuqotho benhliziyo yakhe, wabahola ngenhlakanipho yesandla sakhe.
AmaHubo 78:1-72 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
IMaskili lika-Asafa. Lalelani, bantu bami, umthetho wami; beka izindlebe zakho emazwini omlomo wami. Ngiyakuwuvula umlomo wami ngomfanekiso, ngikhulume amazwi amnyama asendulo; Esikuzwileyo nesikwaziyo, nabasitshela khona obaba. Ngeke sikufihlele abantwana babo, futhi esizukulwaneni esizayo siyomemezela izindumiso zikaJehova namandla akhe nezimangaliso zakhe azenzile. Ngokuba wamisa ubufakazi kuJakobe, wamisa umthetho kwa-Israyeli, awuyala obaba ukuba bawazise abantwana babo. Ukuze isizukulwane esizayo sizazi, yebo, nabantwana abazozalwa; okufanele basukume bamemezele lokhu kubantwana babo. Ukuze bathembele kuNkulunkulu futhi bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu, kodwa bagcine imiyalo yakhe. Bangabi njengoyise, isizukulwane esinenkani nesihlubukayo; isizukulwane esingalungisanga inhliziyo yaso, nomoya waso ungagxili kuNkulunkulu. Abantwana bakwa-Efrayimi, ababehlomile bephethe idandili, babuyela emuva ngosuku lwempi. Abasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu, benqaba ukuhamba emthethweni wakhe; Wakhohlwa imisebenzi yakhe nezimangaliso zakhe ababonise zona. Wenza izimangaliso emehlweni awoyise ezweni laseGibithe, endaweni yaseSowani. Wahlukanisa ulwandle, wabavumela ukuba bawele; wamisa amanzi njengenqwaba. Wabahola ngefu emini, nangokukhanya komlilo ubusuku bonke. Waqhekeza amadwala ogwadule, wabaphuzisa njengotwa otwayo olukhulu. Wakhipha nemifudlana edwaleni, wenza ukuba amanzi agobhoze njengemifula. Baphinda bona kakhulu kuye ngokuklolodela oPhezukonke ehlane. Basebecela kuNkulunkulu enhliziyweni yabo ngokucela ukudla kwenkanuko yabo. Yebo, bakhuluma kabi ngoNkulunkulu; bathi: UNkulunkulu angadeka itafula ehlane na? Bheka, washaya idwala, kwaze kwagobhoza amanzi, nezifufula zaphuphuma; angakwazi futhi ukunikeza isinkwa? angalungisela abantu bakhe inyama na? Ngakho uJehova wakuzwa wathukuthela; Ngoba kabakholwanga kuNkulunkulu, kabathembanga ensindisweni yakhe; Noma wayala amafu phezulu, wavula iminyango yezulu; Wanisa imana phezu kwabo ukuba badle, wabanika okusanhlamvu kwezulu. Abantu badla isinkwa sezingelosi: wazipha ukudla. Waphephula umoya wasempumalanga esibhakabhakeni, ngamandla akhe waletha umoya waseningizimu. Wanisa inyama phezu kwabo njengothuli, nezinyoni ezinezimpaphe njengesihlabathi solwandle. Yawela phakathi kwekamu labo nxazonke zezindlu zabo. Badla, basutha, ngokuba wabapha ukufisa kwabo; Abazange bahlukane nenkanuko yabo. Kodwa inyama yabo isesemlonyeni wabo. Ulaka lukaNkulunkulu lwaba phezu kwabo, wabulala abakhulupheleyo kubo, wahlula abakhethiweyo bakwa-Israyeli. Kukho konke lokhu baqhubeka bona njalo kabakholwanga yimisebenzi yakhe yamandla. Ngakho wachitha izinsuku zabo ngeze neminyaka yabo ekuhluphekeni. Kwathi ezibulala, zamfuna; babuya, babuza kuNkulunkulu ekuseni. Bakhumbula ukuthi uNkulunkulu uyidwala labo, nokuthi uNkulunkulu oPhezukonke uMhlengi wabo. Nokho bamthopha ngemilomo yabo, baqamba amanga kuye ngolimi lwabo. Ngoba inhliziyo yabo yayingaqondile kuye, futhi babengaqini esivumelwaneni sakhe. Kodwa yena owayelesihawu wabathethelela ububi babo, kababhubhisanga; Wakhumbula ukuthi babeyinyama; umoya odlulayo ungabuyi. Bamgcona kaningi ogwadule, bemenza lusizi ogwadule! Yebo, baphenduka futhi bamlinga uNkulunkulu, futhi bamvimbela oNgcwele ka-Israyeli. Abazange bacabange ngesandla sakhe loba usuku abakhulula ngalo esitheni. Ukuthi wazenza kanjani izibonakaliso zakhe eGibithe nezimangaliso zakhe ensimini yaseSowani. Baphendula imifula yabo yaba yigazi; nemifudlana yabo, ukuze bangabi nakuphuza. Wathuma kubo izibawu ngezinhlobonhlobo, zabadla; namaxoxo ababhubhisayo. Futhi umkhiqizo wabo wawunika amacimbi nomsebenzi wabo entendeni. Wachitha izivini zabo ngesichotho, nemisikhamori yabo ngongqoqwane. Wanikela izinkomo zabo esichothweni, nemihlambi yabo emibaneni eshisayo. Waphonsa phezu kwabo ukuvutha kwentukuthelo yakhe, nolaka, nokufutheka, nosizi, ngokuthuma izingelosi ezimbi phakathi kwabo. Wenza indlela yolaka lwakhe; Akawuyekanga umphefumulo wabo ekufeni, kepha wanikela ukuphila kwabo esibethweni; Wanqoba wonke amazibulo eGibithe; inhloko yamandla abo ematendeni kaHamu; Kodwa abantu bakhe wabahola njengezimvu, wabahola njengomhlambi enkangala. Wabahola kahle, ukuba bangesabi, kepha ulwandle lwasibekela izitha zabo. Wabayisa emkhawulweni wendlu yakhe engcwele, kule ntaba esasiyithengile isandla sakhe sokunene. Waxosha izizwe phambi kwabo, wabahlukanisela ifa ngomugqa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo. Kodwa bamlinga, bamklolodela uNkulunkulu oPhezukonke, abagcinanga ubufakazi bakhe. Kodwa baphenduka benza ubumenemene njengoyise; baphambukile njengomnsalo okhohlisayo. Bamthukuthelisa ngokuphakama kwabo, bamvusela intukuthelo ngezithombe zabo ezibaziweyo. UNkulunkulu ekuzwa lokho wathukuthela, wazonda u-Israyeli. Walishiya itabernakele laseShilo, itende ayelimise phakathi kwabantu; Wanikela amandla akhe ekuthunjweni nenkazimulo yakhe esandleni sesitha. Wabanikela abantu bakhe enkembeni; wathukuthelela ifa lakhe. Umlilo waqeda izinsizwa zabo; namadodakazi abo abendiswanga. Abapristi babo bawa ngenkemba; nabafelokazi babo abazange bakhononde. Khona-ke uJehova wavuka njengomuntu oleleyo nanjengeqhawe elimemeza ngenxa yewayini. Wanqoba izitha zakhe ngemuva; wababangela usizi oluphakade. Ngaphezu kwalokho, wala itabernakele likaJosefa, akasikhethanga isizwe sakwa-Efrayimi. Kepha wakhetha isizwe sakwaJuda, iNtaba yaseSiyoni ayithandayo. Yakha indlu yayo engcwele njengezigodlo eziphakemeyo, njengomhlaba awumisayo kuze kube phakade. Yakhetha futhi inceku yayo uDavide, yamthatha ezibayeni zezimvu. Wamthatha emva kwezimvukazi ezinkulu ukuze avumele uJakobe ukuba adle abantu bakhe no-Israyeli ifa lakhe. Futhi wabondla ngobuqotho benhliziyo yakhe; wabahola ngobuhlakani bezandla zakhe.