AmaHubo 77:1-10
AmaHubo 77:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngikhala kuNkulunkulu ngezwi eliphakemeyo, ngiyamemeza ukuze angizwe uNkulunkulu. Ngosuku losizi lwami, ngifuna iNkosi, ebusuku ngelule isandla sami ngingakhathali. Umphefumulo wami uyenqaba ukududuzwa. Ngikhumbula uNkulunkulu, ngibubule; ngiyazindla, umoya wami udangele. Sela Uzibambile izinkophe zami, amehlo ami awavaleki. Ngikhathazekile, akusakhulumeki. Ngininga ngezinsuku zasemandulo, ngikhumbula iminyaka yakudala. Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu, ngizindla enhliziyweni yami, nomoya wami uyahlolisisa. “Ngabe iNkosi iyokuyekelela kuze kube phakade na? Ayiyukuphinda yini ikwenzele umusa? Ngabe ububele bayo sebuphele ingunaphakade na? Ngabe isithembiso seminyaka sesiphelile yini ezizukulwaneni ngezizukulwane na? Ngabe uNkulunkulu usekulibele yini ukuba nozwelo? Ngabe ulaka lwakhe selugabhe uzwelo analo na?” Ngase ngithi
AmaHubo 77:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Izwi lami ngiyakuliphakamisela kuNkulunkulu, ngikhale kuNkulunkulu ukuba angibekele indlebe. Osukwini losizi lwami ngiyayifuna iNkosi; ebusuku isandla sami seluliwe, asidangali; umphefumulo wami wala ukududuzwa. Ngiyamkhumbula uNkulunkulu ngibubula; ngiyazindla, umoya wami uyaphela amandla. Sela* Uzibambile izinkophe zamehlo ami, angavaleki; ngikhathazekile, angisakwazi ukukhuluma. Ngiyazindla ngezinsuku zasendulo, ngeminyaka yaphakade. Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu, ngizindla enhliziyweni yami; nomoya wami uyahlolisisa. INkosi iyakulahla kuze kube phakade na? Ayisenakuphinda ibe nomusa na? Umusa wayo unqamukile njalo yini na? Isithembiso siphelile yini ezizukulwaneni ngezizukulwane na? UNkulunkulu ukhohliwe ukuba abe nomusa na? Uvalele ububele bakhe ngolaka na? Sela* Ngase ngithi: “Yilokhu ukuhlupheka kwami, ngokuba isandla sokunene soPhezukonke siphendukile.”
AmaHubo 77:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela, kuJeduthuni, ihubo lika-Asafa. Ngamemeza kuNkulunkulu ngezwi lami, ngezwi lami kuNkulunkulu; wangizwa. Ngosuku losizi lwami ngayifuna iNkosi; amathumba ami ageleza ebusuku, awanqamuki; umphefumulo wami wala ukududuzwa. Ngacabanga ngoNkulunkulu, ngakhathazeka; ngakhononda, umoya wami waphela amandla. Sela. Ugcina amehlo ami ephapheme; ngikhathazekile, angikwazi ukukhuluma. Ngazindla ngezinsuku zasendulo, iminyaka yasendulo. Ebusuku ngikhumbula ukuhlabelela kwami, ngikhuluma enhliziyweni yami, nomoya wami ukufunisisa. INkosi izalahla kuze kube nininini? futhi ngeke yini athandeke kakhulu? Umusa wakhe uphele phakade na? isithembiso sakhe asifezeki kuze kube phakade na? UNkulunkulu ukhohliwe yini ukuba lesihawu? Usewuvalile yini umusa wakhe ngolaka? Sela. Ngase ngithi: Lokhu kungubuthakathaka bami, kepha ngiyakukhumbula iminyaka yesandla sokunene soPhezukonke.