AmaHubo 72:1-14
AmaHubo 72:1-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nkulunkulu, yipha inkosi ubulungiswa nenkosana ukulunga kwakho. Iyokwehlulela isizwe sakho ngeqiniso, nabampofu bakho, ngobulungiswa. Izintaba ziyakuletha impumelelo kubantu, namagquma, ukulunga. Mayivikele abantu abampofu, isindise abantwana babantulayo, iphohloze umcindezeli. Bayakwesaba Wena, kusekhona ilanga nenyanga, izizukulwane ngezizukulwane. Mayifane njengemvula otshanini, nanjengesihlambi simatisa umhlaba. Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabi bikho inyanga. Iyakubusa kusukela olwandle kuze kube solwandle, kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Abakhe ehlane bayokhothama phambi kwayo, izitha zayo zikhothe uthuli. Amakhosi aseTharishishi nawaseziqhingini ayakuletha izipho. Amakhosi aseShebha naseSebha ayoletha izipho. Wonke amakhosi ayokhothama phambi kwayo, zonke izizwe ziyikhonze. Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi. Iyakuhawukela odangeleyo nompofu, isindise imiphefumulo yabampofu. Iyokhulula impilo yabo kumcindezeli nonendluzula, igazi labo liyigugu emehlweni ayo.
AmaHubo 72:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Nkulunkulu, nika inkosi izahlulelo zakho nendodana yenkosi ukulunga kwakho. Iyakwahlulela isizwe sakho ngeqiniso nezihlupheki zakho ngemfanelo. Izintaba ziyakuletha ukuthula kubantu; kanjalo namagquma, ngokulunga. Izakubahlulela abahluphekileyo kubantu, isindise abantwana babampofu, imphohloze onokhahlo. Bayakwesaba wena, kusekhona ilanga nenyanga, izizukulwane ngezizukulwane. Iyakwehla njengemvula edlelweni, njengesihlambi esimatisa umhlaba. Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga. Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Abakhe ehlane bayakukhothama phambi kwayo; izitha zayo zizakukhotha uthuli. Amakhosi aseTharishishi naweseziqhingini ayakuletha izipho; amakhosi aseSheba naseSeba ayakwethula izipho. Onke amakhosi ayakuziwisa phambi kwayo; zonke izizwe ziyakuyikhonza. Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo, nohluphekayo ongenamsizi. Iyakuhawukela odangeleyo nompofu; iyakusindisa imiphefumulo yabampofu. Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni; igazi labo liyakuba yigugu emehlweni ayo.
AmaHubo 72:1-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ihubo likaSolomoni. Nika inkosi izahlulelo zakho, Nkulunkulu, nendodana yenkosi ukulunga kwakho. Uyakwahlulela abantu bakho ngobulungisa, nabampofu bakho ngokwahlulela; Izintaba ziyakuletha ukuthula kubantu, namagquma amancane ngobulungisa. Izakwahlulela abampofu babantu, isindise abantwana abampofu, ichoboze umcindezeli. Bayakwesaba wena, kusekhona ilanga nenyanga, izizukulwane ngezizukulwane. Uyakwehla njengemvula otshanini obunqunyiwe, njengezihlambi ezinisela umhlaba. Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza; nokuchichima kokuthula uma nje inyanga. Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube-selwandle, kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Abahlala ogwadule bayakukhuleka kuye; izitha zakhe ziyokhotha uthuli. Amakhosi aseTharishishi naweziqhingi kumelwe alethe izipho; amakhosi aseSheba naseSeba ayonikela ngezipho. Yebo, onke amakhosi ayakuwa phambi kwakhe; zonke izizwe ziyakumkhonza. Ngokuba uyosindisa ompofu lapho ebiza; nompofu nongenamsizi. Iyakuhawukela ompofu nompofu, isindise imiphefumulo yabampofu. Iyakukhulula umphefumulo wabo enkohliso nasendluzuleni, igazi labo libe yigugu emehlweni akhe.