AmaHubo 71:1-24

AmaHubo 71:1-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Jehova, ngiyethemba wena; mangingajabhi naphakade. Ngikhulule ngokulunga kwakho, ungihlangulise; beka indlebe yakho kimi, ungisindise. Yiba kimi idwala lokuhlala, ukuze ngiye kulo njalonjalo; ukuyalezile ukusindiswa kwami, ngokuba uyidwala lami nenqaba yami. Nkulunkulu wami, ngikhulule esandleni somubi, esandleni songalungile nesonakeleyo. Ngokuba wena uyithemba lami, Nkosi Jehova, ithemba lami kwasebusheni bami. Ngencike kuwe kwasesiswini; nguwe owangikhipha ezibilinini zikamame; ukudumisa kwami kuyakuba ngawe njalo. Nginjengesimangaliso kwabaningi, kepha wena uyisiphephelo sami esinamandla. Umlomo wami uzakugcwala ukubonga wena, nalo udumo lwakho usuku lonke. Ungangilahli esikhathini sobudala, ungangishiyi ekupheleni kwamandla ami, ngokuba izitha zami zikhuluma ngami, nabawuhlomele umphefumulo wami bayahlebelana, bathi: “UNkulunkulu umshiyile; zingelani nimbambe, ngokuba akakho osindisayo.” Nkulunkulu, ungabi kude nami; Nkulunkulu, phuthuma ungisize. Abamelene nomphefumulo wami mabajabhe, baphele; abangifunela umonakalo mabembathe amahloni nenhlamba. Mina kodwa ngiyakwethemba njalo, ngengeze ukudumisa ekudunyisweni kwakho. Umlomo wami uyakulanda ukulunga kwakho, nensindiso yakho lonke usuku; ngokuba anginakukubala. Ngiyakuletha izenzo ezinqabileyo zeNkosi uJehova; ngiyakubonga ukulunga kwakho, okwakho kuphela. Nkulunkulu, ungifundisile kwasebusheni bami; ngizilandile izimangaliso zakho kuze kube manje. Futhi mawungangishiyi, nxa ngimdala, ngiyimpunga, ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane, amandla akho kubo bonke abezayo. Ukulunga kwakho, Nkulunkulu, kufinyelele ezulwini; wena owenze izinto ezinkulu, Nkulunkulu, ngubani onjengawe na? Wena owasizwisa izinhlupheko eziningi ezimbi, uyakubuye usiphilise, usikhuphule ezinzulwini zomhlaba. Yandisa udumo lwami, ubuye ungiduduze. Yikhona nami ngizakububonga ubuqotho bakho, Nkulunkulu wami, ngogubhu lwezintambo; ngizakukudumisa ngehabhu* wena oNgcwele ka-Israyeli. Izindebe zami zizakujabula, ngokuba ngizakukudumisa wena, nomphefumulo wami owuhlengileyo. Ulimi lwami futhi luzakukhuluma lonke usuku ngokulunga; ngokuba badunyaziwe, bajabhisiwe abangifunela umonakalo.

AmaHubo 71:1-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kuwena, Simakade, ngiyakhosela, mangingajabhi naphakade. Ngokulunga kwakho ngikhulule, ungihlenge; beka indlebe yakho kimi, ungisindise. Yiba yidwala lami lokukhosela, engiza kulo njalo; uyalezile ukuba ngisindiswe, ngokuba uyidwala lami nenqaba yami. Nkulunkulu wami, ngikhulule esandleni sesikhohlakali, nasekuxhakathisweni yisandla sowenza okubi nesowonakeleyo. Ngokuba Wena, Nkosi Simakade, uyithemba lami; ngethembele kuwe kwasebusheni bami. Ngancika kuwe kwasekuzalweni kwami, nguwe owangikhipha esibelethweni sikamame. Ukudumisa kwami njalo kungawe. Kwabaningi bengifana nesimangaliso, kodwa Wena uyisiphephelo sami esinamandla. Usuku lonke, umlomo wami ugcwele ukukubonga nokukubabaza. Ungangilahli ngesikhathi sobudala, ungangishiyi lapho sengiluphele, ngokuba izitha zami zikhuluma ngami, nabaqamekela umphefumulo wami bahlangana ngami, bangihlebe, bathi: “UNkulunkulu umshiyile; mxosheni, nimbambe, ngokuba akekho ongamkhulula.” Nkulunkulu, ungabi kude nami, Nkulunkulu, phuthuma ungisize. Abamelene nami befuna umphefumulo wami mabajabhe, baphele. Labo abafuna ukungilimaza, mabathelwe ngehlazo, bahlazeke. Kepha mina ngizohlala ngikwethemba njalo, ngizokubonga ngingaphezi. Umlomo wami uzolanda ngokulunga kwakho nensindiso yakho usuku lonke, ngokuba anginakukubala. Ngizofika ngikubonge ngezenzo zamandla zeNkosi uNkulunkulu; ngizokudumisa ngokulunga kwakho, kwakho wedwa. Nkulunkulu, wangifundisa kwasebusheni bami, namanje ngisamemezela ngemisebenzi yakho emangalisayo. Nalapho sengimdala, sengiyimpunga, uze ungangishiyi, ukuze ngishumayele ubukhulu bakho kwabasazozalwa, namandla akho ezizukulwaneni. Nkulunkulu, ukulunga kwakho kufinyelela ezulwini, Wena owenza izinto ezinkulu. Nkulunkulu, ngubani onjengawe na? Wena owasikhombisa izinhlupheko ezimbi eziningi, uyobuye usiphilise, usikhuphule ezinzulwini zomhlaba. Yandisa udumo lwami, ubuye ungiduduze. Nkulunkulu wami, ngizobubonga ubuqotho bakho, ngogubhu lwezintambo, ngikudumise ngehabhu, Wena oNgcwele ka-Israyeli. Izindebe zomlomo wami zizojabula, nomphefumulo wami ukuhubele, ngokuba ungihlengile. Usuku lonke ulimi lwami luzokhuluma ngokulunga, ngokuba labo abafuna ukungenzakalisa bazothelwa ngehlazo, baphoxeke.

AmaHubo 71:1-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngiyethemba wena Jehova; ungaze ungivumele ngidideke. Ngisindise ngokulunga kwakho, ngibaleke; beka indlebe yakho kimi, ungisindise. Yiba yindawo yami yokuhlala yaphakade engingaphephela kuyo njalonjalo; Wayala ukuba ngisindise; ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami. Ngisindise, Nkulunkulu wami, esandleni somubi, esandleni somuntu ongalungile nononya. Ngokuba wena uyithemba lami, Nkosi Jehova, ithemba lami kwasebusheni bami. Ngaphakanyiswa ngawe kwasesiswini sikanina; Nguwe owangikhipha esizalweni sikamame; kuwe kuyakuba yindumiso yami njalo. Ngiyisimangaliso kwabaningi; kepha wena uyisiphephelo sami esinamandla. Umlomo wami mawugcwale indumiso yakho nodumo lwakho usuku lonke. Ungangilahli esikhathini sokuguga; ungangishiyi lapho amandla ami ephela. Ngokuba izitha zami zikhuluma ngami; nabaqamekela umphefumulo wami bayacebisana; wathi: “UNkulunkulu umshiyile; msukeleni nimbambe; ngoba kakho omsindisayo. O Nkulunkulu, ungabi kude nami; Nkulunkulu wami, shesha ungisize. Mabajabhe, baqedwe abamelene nomphefumulo wami; mabambozwe ihlazo nehlazo abafuna ukungilimaza. Kodwa mina ngizakwethemba njalo njalo ngikudumisa njalo kakhulu. Umlomo wami uyakumemezela ukulunga kwakho nensindiso yakho usuku lonke; ngoba izinombolo zayo angizazi. Ngiyakuhamba ngamandla eNkosi uJehova; ngibize ukulunga kwakho, nakuwe wedwa. O Nkulunkulu, ungifundisile kwasebusheni bami, kuze kube manje ngimemezele izimangaliso zakho. Manje noma sengimdala futhi ngimpunga, O Nkulunkulu, ungangishiyi; ngize ngiwazise amandla akho kulesi sizukulwane namandla akho kubo bonke abezayo. Nokulunga kwakho kuphakeme kakhulu, Nkulunkulu, wena owenze izinto ezinkulu; O Nkulunkulu, ubani onjengawe! Wena ongenze ngabona izinhlupheko ezinkulu nezibuhlungu, uyakungiphilisa, ungikhuphule ekujuleni komhlaba. Uyakwandisa ubukhulu bami, ungiduduze nxazonke; Ngiyakukubonga ngehabhu, iqiniso lakho, Nkulunkulu wami; ngiyakuhlabelela ngodumo lwakho, wena oNgcwele ka-Israyeli. Izindebe zami ziyakujabula kakhulu lapho ngihlabelela kuwe; nomphefumulo wami owuhlengileyo. Ulimi lwami luyakukhuluma ngokulunga kwakho usuku lonke, ngokuba bajabhe, ngokuba bafuna ukungilimaza bajabhile.