AmaHubo 65:1-13
AmaHubo 65:1-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Udumo lufanele Wena, Nkulunkulu, eZiyoni kuyofezeka isithembiso kuwe. Wena oyizwayo imikhuleko, bonke abantu beza kuwe. Iziphambeko zingigabhile, uyazithethelela iziphambeko zethu. Ubusisiwe okhethwe nguwe, wamsondeza ukuba ahlale emagcekeni akho. Siyosuthiswa ngokuhle okuvela endlini yakho, ithempeli lakho elingcwele. Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni, Nkulunkulu wensindiso yethu. Wena uyithemba lemikhawulo yonke yomhlaba nelolwandle olukude, Yena omisa izintaba ngamandla akhe, obhince amandla, othulisa ukuduma kwezilwandle, inhlokomo yamaza azo nomsindo wabantu. Abakhile emikhawulweni yomhlaba bayesaba ngezibonakaliso zakho, ujabulisa impumalanga nentshonalanga. Uhambela umhlaba, unisa imvula, uwuvundisa kakhulu, umfula kaNkulunkulu ugcwele amanzi, abantu ubalungisela ukudla. Umatisa imisele yawo, ulalise amasoyi awo, uwuthambise ngezihlambi, ubusise okumila kuwo. Unyaka uwuhlobisa ngobumnene bakho, imikhondo yakho iconsa amafutha. Amadlelo asehlane ayaconsa, amagquma abhinca injabulo. Amadlelo embethe izimvu, nezigodi zisibekelwe ngokusanhlamvu, konke kuyajabula, kuyahlabelela.
AmaHubo 65:1-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Udumiso luhlalela wena Nkulunkulu eSiyoni, nesithembiso siyakugcwaliswa kuwe. Wena ozwayo imikhuleko, beza kuwe bonke abantu. Izenzo ezimbi zangahlula; iziphambeko zethu uyaziyekela. Ubusisiwe omkhethayo wena, omsondezayo ukuba ahlale emagcekeni akho; siyakusutha ngokuhle kwendlu yakho, ithempeli lakho elingcwele. Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni, Nkulunkulu wensindiso yethu, wena oyithemba lemikhawulo yonke yomhlaba nelolwandle olukude; yena omisa izintaba ngamandla akhe, obhince amandla; othulisa ukuduma kwezilwandle, inhlokomo yamaza azo nomsindo wabantu. Abakhile emikhawulweni yomhlaba bayesaba ngezibonakaliso zakho; uyethabisa impumalanga nentshonalanga. Uhambela umhlaba, unisa imvula, uwuvundisa kakhulu; umfula kaNkulunkulu ugcwele amanzi; ubalungisela abantu ukudla, ngokuba uwulungisa kanjalo umhlaba. Umatisa imisele yawo, ulalisa amasoyi awo; uwuthambisa ngezihlambi, ubusise okumila kuwo. Umnyaka uyawuhlobisa ngobumnene bakho, nemikhondo yakho iconsa amafutha. Amadlelo asehlane ayaconsa; amagquma abhinca injabulo. Amadlelo embethe izimvu, nezigodi zisibekelwe ngamabele; konke kuyajabula, kuhlabelele.
AmaHubo 65:1-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela, ihubo nesihlabelelo sikaDavide. Indumiso ikuwe, Nkulunkulu, eSiyoni, sifezeke kuwe isithembiso. Wena ozwa umkhuleko, inyama yonke izakuza kuwe. Iziphambeko ziyanginqoba: wena wesule iziphambeko zethu. Ubusisiwe umuntu omkhethayo, umvumele asondele kuwe, ukuze ahlale emagcekeni akho; siyakusutha ngokuhle kwendlu yakho, okwethempeli lakho elingcwele. Ngezinto ezesabekayo ekulungeni uyakusiphendula, Nkulunkulu wensindiso yethu; eyithemba layo yonke imikhawulo yomhlaba neyabakude nolwandle; obopha izintaba ngamandla akhe; ebhince amandla: othulisa ukuhlokoma kolwandle, ukuhlokoma kwamaza abo nokuhlokoma kwabantu. Ngisho nabakhileyo ekupheleni bayazesaba izibonakaliso zakho; Wenza ukuphuma ekuseni nakusihlwa kujabule. Uyahambela umhlaba, uwunyakazise; Uyawucebisa kakhulu ngomfula kaNkulunkulu ogcwele amanzi; Ubalungisela ukolweni uma Ubahlinzekele. Unisela kakhulu imisele yawo, ubophela imisele yawo; Uyawuthambisa ngezihlambi; Uyabusisa ihlumela lawo. Uyawuthwesa umnyaka ngobuhle bakho; futhi imigwaqo yakho iconsa amafutha. Awela emadlelweni asogwadule, amagquma ayajabula nxazonke. Amadlelo ambozwe yimihlambi; nezigodi zimbozwe ukolweni; bamemeza ngenjabulo, babuye bahlabelele.