AmaHubo 63:1-6
AmaHubo 63:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nkulunkulu, Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna. Umphefumulo wami womele Wena, umzimba wami ulangazelela Wena, ezweni eligagadekileyo, lapho kungekho khona amanzi. Yingakho ngikufuna endaweni engcwele, ngibone amandla akho nenkazimulo yakho. Ngokuba umusa wakho muhle kunokuphila, izindebe zomlomo wami zizokudumisa. Yingakho ngizokubonga, inqobo nje uma ngisaphila. Ngizophakamisa izandla zami egameni lakho. Umphefumulo wami uyosutha kube sengathi usuthiswe ngamanoni namafutha, umlomo wami ukudumise ngezindebe ezethabayo, lapho ngikukhumbula embhedeni wami, ngizindla ngawe kwesikabhadakazi.
AmaHubo 63:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna ekuseni; umphefumulo wami womele wena; inyama yami ilangazelela wena ezweni elomileyo eligagadekileyo, lapho amanzi engekho khona. Kanjalo ngikubheka endlini engcwele, ngibone amandla akho nenkazimulo yakho. Ngokuba umusa wakho umnandi kunokuphila; izindebe zami ziyakukudumisa. Ngiyakukubonga ngisaphila; ngiyakuphakamisa izandla zami egameni lakho. Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha; umlomo wami uyakudumisa ngezindebe ezethabayo. Nxa ngikukhumbula ecansini lami, ngizindla ngawe emilindweni yasebusuku.
AmaHubo 63:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ihubo likaDavide esehlane lakwaJuda. Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami; ngiyakukufuna ekuseni; umphefumulo wami womele wena, inyama yami iyakulangazelela ezweni elomileyo elomileyo, elingenamanzi; ukuze ngibone amandla akho lenkazimulo yakho, njengalokhu ngakubona endaweni engcwele. Ngoba umusa wakho ungcono kunokuphila, izindebe zami zizakudumisa. Ngakho ngizakubusisa ngisaphila: ngiphakamise izandla zami ebizweni lakho. Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha; umlomo wami uyakukudumisa ngezindebe ezithokozayo. Lapho ngicabanga ngawe embhedeni wami futhi ngicabanga ngawe emilindelweni yasebusuku.