AmaHubo 53:1-6
AmaHubo 53:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akekho uNkulunkulu.” Bonakele, benze izinto ezinengekayo eziphambene nobulungiswa. Akukho noyedwa owenza okuhle. UNkulunkulu esezulwini ubheka phansi, abone amadodana abantu, ukuze abone ukuthi ukhona yini onokuqonda, ofuna uNkulunkulu. Bonke baphambukile, bonke bakhohlakele, akukho noyedwa owenza okuhle, akukho noyedwa. Abanakwazi yini abenza okubi, abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa, bengakhuleki kuNkulunkulu na? Besaba kakhulu, kube kungekho okwesabisayo. UNkulunkulu uwasakazile amathambo alowo okuvimbezelayo. Wena uzobathela ngehlazo, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile. Ukusindiswa kuka-Israyeli kuzovela eZiyoni, lapho uNkulunkulu ebusisa abantu bakhe; uJakobe ethabe, no-Israyeli athokoze.
AmaHubo 53:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Isiwula sithi enhliziyweni yaso: “Akakho uNkulunkulu,” iziphambeko zabo zimbi, ziyanengeka; akakho owenza okuhle. UNkulunkulu esezulwini uyababheka abantwana babantu ukubona uma kukhona yini onokuqonda, ofuna uNkulunkulu. Baphambukile bonke, bonakele bonke; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa. Abanakwazi yini abenza okubi, abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa, bengakhuleki kuNkulunkulu. Besaba nokwesaba, lapho kungekho okwesabisayo; ngokuba uNkulunkulu wasakaza amathambo akhe owamisa ngakuwe; wena ubajabhisile, ngokuba uNkulunkulu ubalahlile. Sengathi kungavela ukusindiswa kuka-Israyeli eSiyoni. Kuyakuthi lapho uNkulunkulu eguqula ukuthunjwa kwabantu bakhe, uJakobe ethabe, u-Israyeli ajabule.
AmaHubo 53:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela ngoMahalati, iMaskili, iHubo likaDavide. Isiwula sathi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu. Bonakele, futhi benze ububi obunengekayo; akakho owenza okuhle. UNkulunkulu wabuka phansi esezulwini abantwana babantu ukuze abone ukuthi ukhona yini ozwisisayo, ofuna uNkulunkulu. Bonke babuyela emuva; bangcola ngokuphelele; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa. Abenzi bokubi abanakwazi na? abantu bami abazidlayo bedla isinkwa; ababizanga kuNkulunkulu. Basesaba kakhulu lapho okwakungelakwesaba khona, ngoba uNkulunkulu wawahlakaza amathambo akhe owamisa phezu kwenu; uyabajabhisa, ngokuba uNkulunkulu udelelekile. O, ukube ukusindiswa kuka-Israyeli bekuvela eSiyoni! Lapho uNkulunkulu ebuyisela ukuthunjwa kwabantu bakhe, uJakobe uyojabula no-Israyeli ajabule.