AmaHubo 51:1-17
AmaHubo 51:1-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho, wesule iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu. Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami. Ngiyazazi iziphambeko zami, isono sami siphambi kwami njalo. Ngonile kuwe, kuwe wedwa, ngenza okubi emehlweni akho. Wena ulungile nxa wehlulela, futhi kucacile ukwehlulela kwakho. Impela ngazalelwa ebubini, umame wangikhulelwa esonweni. Wena uthanda iqiniso ngaphakathi enhliziyweni, uyongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo. Ngihlanze ngehisophi, ngihlambuluke, ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa. Ngizwise intokozo nenjabulo, ukuze ethabe amathambo owachobozileyo. Fihla ubuso bakho ezonweni zami, uzesule zonke iziphambeko zami. Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami. Ungangilahli ebusweni bakho, ungangemuki uMoya wakho oyiNgcwele. Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho, ungiphase ngomoya ovumayo. Yikhona ngiyofundisa abaphambukayo izindlela zakho; nezoni ziphendukele kuwe. Nkulunkulu, ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu wensindiso yami, yikhona ulimi lwami luzohuba ngokulunga kwakho. Nkosi, vula izindebe zami, ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho. Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo, noma bengizakukunika umnikelo wokushiswa, ubungayukuthokoza ngawo. Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owephukileyo. Nkulunkulu, awuyukuyidelela inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo.
AmaHubo 51:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu. Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami. Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zami; isono sami siphambi kwami njalo. Ngonile kuwe wena wedwa, ngakwenza okubi emehlweni akho, ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho, uchache ekwahluleleni kwakho. Bheka, ngazalelwa ebubini, umame wangithabatha esonweni. Bheka, uthanda iqiniso ngaphakathi enhliziyweni; wongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo. Ngihlanze ngehisopi,* ngihlambuluke; ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa. Ngizwise intokozo nenjabulo, ukuze ethabe amathambo owachobozileyo. Fihla ubuso bakho ezonweni zami, wesule zonke izenzo zami ezimbi. Nkulunkulu, dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya oqinileyo phakathi kwami. Ungangilahli ebusweni bakho, ungangemuki uMoya wakho oNgcwele. Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho, ungiphase ngomoya ovumayo. Khona ngiyakufundisa abaphambukayo izindlela zakho; nezoni ziyakuphendukela kuwe. Ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu, Nkulunkulu wensindiso yami. Khona ulimi lwami luyakuhubela ukulunga kwakho. Nkosi, vula izindebe zami, ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho. Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo; noma bengizakukunika uminikelo wokushiswa, ubungayikuthokoza ngawo. Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo; inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo, Nkulunkulu, awuyikuyidelela.
AmaHubo 51:1-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide ekufikeni kwakhe umprofethi uNathani emva kokuba esengene kuBati Sheba. Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; ngokobukhulu bomusa wakho ngikhulule eziphambekweni zami. Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami. Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zami, nesono sami siphambi kwami njalo. Ngonile kuwe wedwa, ngenza okubi emehlweni akho, ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho, ucace ekwahluleleni kwakho. Bheka, ngabunjwa ebubini; futhi umama wangamukela esonweni. Bheka, wena ufisa iqiniso ngaphakathi, futhi ekusithekeni uyofunda ukuhlakanipha kwami. Ngihlanze ngehisopi, ngihlambuluke; ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa. Mangizwe intokozo nentokozo; ukuze amathambo owaphulile ajabule. Fihla ubuso bakho ezonweni zami, wesule zonke iziphambeko zami. Nkulunkulu, dalele kimi inhliziyo ehlanzekileyo; uvuse umoya oqondileyo phakathi kwami. Ungangilahli ebusweni bakho; futhi ungawususi kimi umoya wakho ongcwele. Ngibuyisele intokozo yensindiso yakho; futhi ungisekele ngomoya wakho okhululekile. Ngizafundisa abaphambukayo izindlela zakho; futhi izoni zizophendukela kuwe. Ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu, Nkulunkulu wensindiso yami, futhi ulimi lwami luzakwethaba ngokulunga kwakho. Jehova, vula izindebe zami; futhi umlomo wami uyoshumayela indumiso yakho. Ngokuba awuyifuni imihlatshelo; ngaphandle kwalokho bengizokunika. Awuthokozi ngomnikelo wokushiswa. Imihlatshelo kaNkulunkulu ingumoya ophukile; inhliziyo eyaphukileyo nephukile, Nkulunkulu, awuyikuyidelela.