AmaHubo 5:1-12
AmaHubo 5:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Simakade, yizwa amazwi ami, uqaphele ukububula kwami. Yizwa izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngikhuleka kuwe. Simakade, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngethula kuwe isicelo sami, ngilinde. Ngokuba Wena unguNkulunkulu ongabuthokozeli ububi; ububi abunakuhlala kuwe. Abazigqajayo abayukuma phambi kwamehlo akho. Uyabazonda bonke abenza okubi. Uyababhubhisa bonke abakhuluma amanga; uSimakade uyabenyanya abachitha igazi nabakhohlisi. Kepha mina ngiyakungena endlini yakho, ngenxa yobuningi bomusa wakho, ngikhothame ngokuthobeka ethempelini lakho elingcwele. Simakade, ngihole ngokulunga kwakho, uqondise indlela yakho phambi kwami, ngenxa yezitha zami. Ngokuba alikho iqiniso emilonyeni yabo; izibilini zabo zingukonakala: umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo. Balahle ngecala, Nkulunkulu. Mabawe ngenxa yamacebo abo, badingise ngenxa yobuningi beziphambeko zabo, ngokuba bayamelana nawe. Kepha mabajabule bonke abaphephela kuwe, mabakhamuluke ngenjabulo phakade, ubasibekele, bajabule kuwe abathanda igama lakho. Simakade, Wena uyambusisa olungileyo; umhaqa ngomusa njengesihlangu.
AmaHubo 5:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Yizwa amazwi ami, Jehova, uqaphele ukuzindla kwami. Yizwa izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngithandaza kuwe. Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde. Ngokuba wena awusiye uNkulunkulu othanda okubi; omubi akanakuhlala kuwe. Abazidlayo abayikuma phambi kwamehlo akho; uyabazonda bonke abenza okubi. Uyabhubhisa abakhuluma amanga; uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nowenkohliso. Kepha mina ngiyakungena endlini yakho ngobuningi bomusa wakho, ngikhothame ngokukuhlonipha, ngibhekene nendawo yakho engcwele. Jehova, ngihole ngokulunga kwakho ngenxa yezitha zami, ulungise indlela yakho phambi kobuso bami. Ngokuba alikho iqiniso emlonyeni wabo; izibilini zabo zingukonakala: umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo. Balahle ngecala, Nkulunkulu. Mabawe ngenxa yamacebo abo, ubawise ngobuningi beziphambeko zabo, ngokuba bahlubukile kuwe. Kepha mabajabule bonke abathemba kuwe, bahalalise kuze kube phakade, abathanda igama lakho bethabela kuwe. Ngokuba wena Jehova uyambusisa olungileyo; umphahla ngomusa njengesihlangu.
AmaHubo 5:1-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela ingoma kaNehiloti. Ihubo likaDavide. Bheka, Jehova, amazwi ami, uqaphele ukuzindla kwami. Lalela izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngiyakukhuleka kuwe. Jehova, uyakulizwa izwi lami ekuseni; ekuseni ngiyakuwubhekisa kuwe umkhuleko wami, ngibheke phezulu. Ngokuba wena awusiye uNkulunkulu othanda ububi; nobubi abuyikuhlala nawe. Iziwula aziyikuba khona phambi kwamehlo akho; uyabazonda bonke abenza okubi. Uyakubhubhisa abakhuluma kabi; uJehova uyamenyanya umuntu wegazi nokhohlisayo. Kepha mina ngiyakungena endlini yakho ngobuningi bomusa wakho, ngikhuleke ethempelini lakho elingcwele ngokukwesaba. Ngihole, Jehova, ngokulunga kwakho ngenxa yezitha zami; lungisa indlela yakho phambi kobuso bami. Ngokuba akukho ukuthembeka emlonyeni wabo; ingaphakathi labo libi kakhulu; umphimbo wabo uyingcwaba elivulekileyo; bayathopha ngolimi lwabo. Babhubhise, Nkulunkulu; mabawe ngamacebo abo; baxoshe ngobuningi beziphambeko zabo; ngoba bakuhlubukile. Kodwa kabathokoze bonke abathembela kuwe; mabajabule njalo, ngokuba uyabavikela; abalithandayo igama lakho mabajabule ngawe. Ngoba wena Jehova ubusisa olungileyo; ngokujabula uyomhaqa njengesihlangu.