AmaHubo 46:1-3
AmaHubo 46:1-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni. Ngakho-ke angiyukwesaba nakuba umhlaba uguquka, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle, nakuba amanzi alo ehlokoma, ekhephuzela, nezintaba zizamazama ngokudlanga kwalo. Sela
AmaHubo 46:1-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni. Ngakho-ke asiyikwesaba nokuba kuguquka umhlaba, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle, nokuba amanzi alo ehlokoma, ekhephuza, nezintaba zizamazama ngokukhukhumala kwalo. Sela*
AmaHubo 46:1-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela wamadodana kaKora. Isihlabelelo se-Alamoti. UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ulusizo olutholakala kakhulu ekuhluphekeni. Ngakho-ke asiyikwesaba, noma kuzamazama umhlaba, nezintaba zikhukhulwa phakathi kolwandle; Noma amanzi alo ehlokoma futhi enyakaziswa, noma izintaba zizamazama ngokukhukhumala kwawo. Sela.