AmaHubo 46:1-11
AmaHubo 46:1-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni. Ngakho-ke angiyukwesaba nakuba umhlaba uguquka, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle, nakuba amanzi alo ehlokoma, ekhephuzela, nezintaba zizamazama ngokudlanga kwalo. Sela Ukhona umfula omanzi awo athokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yoPhezukonke. UNkulunkulu uphakathi kwawo, awuyukuzanyazanyiswa, uNkulunkulu uyakuwusiza ngovivi lokusa. Izizwe ziyaxokozela, imibuso iyazamazama; uphumisela izwi lakhe, umhlaba uncibilike. USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela Wozani, nibone imisebenzi kaSimakade, incithakalo ayehlisele emhlabeni. Uqeda izimpi kuze kube semikhawulweni yomhlaba, wephula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo. Thulani, niqonde ukuthi Mina nginguNkulunkulu, ngiyakuphakama kwabezizwe, ngiphakame emhlabeni. USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela
AmaHubo 46:1-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni. Ngakho-ke asiyikwesaba nokuba kuguquka umhlaba, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle, nokuba amanzi alo ehlokoma, ekhephuza, nezintaba zizamazama ngokukhukhumala kwalo. Sela* Ukhona umfula omanzi awo athokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yoPhezukonke. UNkulunkulu uphakathi kwawo, awuyikuzanyazanyiswa; uNkulunkulu uyakuwusiza ngovivi lokusa. Izizwe ziyaxokozela; imibuso iyazamazama; uphumisela izwi lakhe, umhlaba uncibilike. UJehova Sebawoti unathi; uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela* Wozani nibone izenzo zikaJehova, izincithakalo azenzileyo emhlabeni. Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo. Thulani, niqonde ukuthi mina nginguNkulunkulu; ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe, ngiphakame emhlabeni. UJehova Sebawoti unathi; uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela*
AmaHubo 46:1-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela wamadodana kaKora. Isihlabelelo se-Alamoti. UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ulusizo olutholakala kakhulu ekuhluphekeni. Ngakho-ke asiyikwesaba, noma kuzamazama umhlaba, nezintaba zikhukhulwa phakathi kolwandle; Noma amanzi alo ehlokoma futhi enyakaziswa, noma izintaba zizamazama ngokukhukhumala kwawo. Sela. Kukhona umfula, imifudlana yawo ethokozisa umuzi kaNkulunkulu, indlu engcwele yamatabernakele oPhezukonke. UNkulunkulu uphakathi kwawo; ngeke antengantenge: uNkulunkulu uzomsiza, futhi kusesekuseni. Izizwe ziyaxokozela, imibuso iyazamazama; walizwakalisa izwi lakhe, umhlaba uyancibilika. UJehova Sebawoti unathi; uNkulunkulu kaJakobe uyisiphephelo sethu. Sela. Wozani nibone imisebenzi kaJehova, incithakalo ayenzileyo emhlabeni. Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, aphule umkhonto; inqola uyishisa ngomlilo. Thula, nazi ukuthi mina nginguNkulunkulu; ngiyathanda ukuphakama phakathi kwabezizwe, ngiphakanyiswe emhlabeni. UJehova Sebawoti unathi; uNkulunkulu kaJakobe uyisiphephelo sethu. Sela.