AmaHubo 42:3-5
AmaHubo 42:3-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku, ngokuba usuku lonke bathi kimi: “Uphi uNkulunkulu wakho na?” Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokhu ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi. Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kimi na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa ngokusindisa kobukhona bakhe.
AmaHubo 42:3-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Izinyembezi zami zazingukudla kwami imini nobusuku, lapho bethi kimi njalo: Uphi uNkulunkulu wakho? Lapho ngicabanga ngalezi zinto, ngithulula umphefumulo wami phakathi kwami; ngoba ngahamba nesixuku, ngaya nabo endlini kaNkulunkulu, ngezwi lokujabula nokudumisa, kanye nesixuku ebesenza idili. Kungani udangale, mphefumulo wami? nikhathazekeleni kimi na? uthembele kuNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa ngosizo lobuso bakhe.
AmaHubo 42:3-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku, ngokuba usuku lonke bathi kimi: “Uphi uNkulunkulu wakho na?” Ngiyakukhumbula lokhu, ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami, njengalokho ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu ngenhlokomo yokwethaba nokubonga, ibandla ligubha umkhosi. Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa ngokusindisa kobuso bakhe.