AmaHubo 41:1-13
AmaHubo 41:1-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ubusisiwe onakekela ohluphekayo, uSimakade uyomsindisa ngosuku lwenhlupheko. USimakade uyomlondoloza, amgcine ephila; uyobusiswa ezweni. Akayukumnikela ezifisweni zezitha zakhe. USimakade uyakumsimamisa okhukhweni lokufa, amphilise kuzona zonke izifo zakhe. Mina ngithi: “Simakade, yiba nomusa kimi, uphulukise umphefumulo wami, ngokuba ngonile kuwe.” Izitha zami zihambe zikhuluma okubi ngami, zithi: “Uzofa nini, igama lakhe lingabe lisaphathwa na?” Uma kukhona ozongibona, ukhuluma amanga ngami. Unqwabela okubi enhliziyweni yakhe, aphume akhulume ngakho. Bonke abangizondayo bahlangana ngami, bahlebelane ngami, bengisongela, bethi: “Sengathi angavelelwa ngokukhulu, alale angabe esavuka.” Ngisho nomhlobo wami ebengimethemba, ngimupha ukudla kwami, usengiphendukele. Kepha Wena Simakade, ngihawukele, ungilulamise, ukuze ngiziphindiselele ezitheni zami. Ngalokho ngiyazi ukuthi uyangithanda, ukuze isitha sami singaqhoshi ngami. Mina uyakungigcina ngiqotho, ungihlalise ebukhoneni bakho kuze kube phakade. Makabongwe uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Amen, Amen.
AmaHubo 41:1-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ubusisiwe onakekela ohluphekayo; uJehova uyakumsindisa osukwini olubi. UJehova uyakumlondoloza, amphilise; uyakubusiswa emhlabeni; awuyikumnikela entandweni yezitha zakhe. UJehova uyakumphasa ecansini egula; wena uyakuguqula ukhukho lwakhe ekuguleni kwakhe. Mina ngithi: “Jehova, ngihawukele, uphulukise umphefumulo wami, ngokuba ngonile kuwe.” Izitha zami zikhuluma okubi ngami, zithi: “Uzakufa nini, igama lakhe lichitheke, na?” Nalapho kuza ozongibona, ukhuluma amanga; inhliziyo yakhe izibuthela ukonakala, abesephuma akhulume ngakho. Bonke abangizondayo banyenyezelana ngami: bangisongozela okubi, bathi: “Into embi inamathele kuye; olele phansi kasayikululama.” Yebo, nomhlobo wami ebengimethemba, obedla isinkwa sami, ungiphakamisele isithende sakhe. Kepha wena Jehova, ngihawukele, ungilulamise, ukuze ngibaphindisele. Ngalokho ngiyazi ukuthi uyangithanda, ngokuba isitha sami asihalalisi phezu kwami. Mina uyangimisa ebuqothweni bami; uyangibeka phambi kobuso bakho kuze kube phakade. Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Amen, Amen.
AmaHubo 41:1-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. Ubusisiwe onaka ompofu; uJehova uyakumsindisa ngesikhathi sokuhlupheka. UJehova uyakumlondoloza, amgcine ephila; futhi uyobusiswa emhlabeni, futhi ngeke umnikele entandweni yezitha zakhe. UJehova uyakumqinisa embhedeni wosizi; uyakwendlala umbhede wakhe wonke ekuguleni kwakhe. Ngathi: “Jehova, ngihawukele; philisa umphefumulo wami; ngoba ngonile kuwe. Izitha zami zikhuluma kabi ngami, zithi: Uyokufa nini, igama lakhe libhubhe na? Lapho efika ukungibona, ukhuluma okuyize; uma eya kwelinye izwe, uyakusho. Bonke abangizondayo bahleba ngami; baceba ububi bami ngami. Isifo esibi, bathi, sinamathela kuye, futhi njengoba eqamba amanga, ngeke aphinde avuke. Yebo, nomngane wami engangimethemba, owayedla isinkwa sami, wangiphakamisela isithende sakhe. Kodwa wena Jehova, ngihawukele, ungiqondise, ukuze ngibabuyisele. Ngalokhu ngiyazi ukuthi uyathokoza ngami, ngokuba isitha sami asinginqobi. Kepha mina uyangisekela ngobuqotho bami, ungibeke phambi kobuso bakho kuze kube phakade. Makabongwe uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, kusukela phakade kuze kube phakade. Amen, futhi Amen.