AmaHubo 37:7-9
AmaHubo 37:7-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Thula phambi kukaSimakade, umlindele ngesineke; ungakhathazeki ngonempumelelo endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi. Deda entukuthelweni, uyeke ulaka, ungakhathazeki, lokho kuholela ebubini nje. Ngokuba ababi bayobhujiswa, kodwa labo abalindela uSimakade ngesineke, bayodla ifa lomhlaba.
AmaHubo 37:7-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Thula phambi kukaJehova, ulindele yena; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu osongoza amacebo amabi. Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka, ungakhathazeki; kubanga ukona nje. Ngokuba ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.
AmaHubo 37:7-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Hlala kuJehova, umlinde ngokubekezela; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi. Yeka ukuthukuthela, ushiye ukuthukuthela; ungathukutheli nganoma iyiphi indlela ukwenza okubi. Ngokuba abenzi bokubi bayakunqunywa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.