AmaHubo 37:1-40

AmaHubo 37:1-40 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ungakhathazeki ngababi, ungabi namona ngabenza okungalungile, ngokuba bazosishulwa masinyane njengotshani, babune njengemifino. Thembela kuSimakade, wenze okuhle, ukuze uhlale ezweni, uzondle ngokukholeka; zithokozise ngoSimakade, khona ezokunika okufiswa yinhliziyo yakho. Nikela indlela yakho kuSimakade; umethembe, Yena uzokwenzela okufisayo. Ukulunga kwakho kukhanye njengelanga; nobulungiswa njengemini. Thula phambi kukaSimakade, umlindele ngesineke; ungakhathazeki ngonempumelelo endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi. Deda entukuthelweni, uyeke ulaka, ungakhathazeki, lokho kuholela ebubini nje. Ngokuba ababi bayobhujiswa, kodwa labo abalindela uSimakade ngesineke, bayodla ifa lomhlaba. Kusazothatha isikhashana engabe esababikho omubi, uyothi lapho uhlola indawo abe kuyo, ungamfumani. Kepha abathobekileyo bazokudla ifa lezwe, bathokozele ukuthula okukhulu. Omubi umsongela okubi olungileyo, amququdele amazinyo. INkosi imhleka usulu, ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe selusondele. Ababi bahosha inkemba, bansale iminsalo yabo ukuze baqumbe phansi abampofu nabantulayo, babulale ohamba ngokulunga. Izinkemba zabo zizodla bona, neminsalo yabo iphoqozwe. Kungcono okuncane anakho umuntu olungileyo, kunengcebo yababi abaningi. Izingalo zababi zizophoqozwa, kodwa uSimakade uyabasimamisa abalungileyo. USimakade uyazazi izinsuku zabamsulwa, ifa labo liyokuma kuze kube phakade. Abayukujabha ngesikhathi esibi; bayoba nenala ngezinsuku zendlala. Ababi bayobhubha, izitha zikaSimakade zishabalale njengobuhle bamadlelo. Ziyonyamalala njengentuthu, zishabalale. Omubi uyoboleka angakubuyiseli, kodwa olungileyo unesisa, uyaphana. Ababusisileyo bazodla ifa lomhlaba; abaqalekisileyo babhubhe. USimakade uyaziqinisa izinyathelo zomuntu lapho eyithanda indlela yakhe. Uma ewa, akayukufumbeka phansi, ngokuba uSimakade ubamba isandla sakhe. Kade ngimusha, manje sengimdala, kodwa angikaze ngimbone olungileyo eshiyiwe, nozalo lwakhe luyizinxibi. Uphana, atshelekise ekhululekile, nozalo lwakhe luyisibusiso. Deda kokubi, wenze okuhle, uyakuhlala kuze kube phakade. Ngokuba uSimakade uyabuthanda ubulungiswa, abathembekileyo bakhe akabashiyi. Ubalondoloza kuze kube phakade, kodwa abozalo lwababi bazobhujiswa. Abalungileyo bazokudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo ingunaphakade. Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha, ulimi lwakhe lukhuluma ubulungiswa. Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe, izinyathelo zakhe aziyukushelela. Omubi uqamekela olungileyo, ufuna ukumbulala. USimakade akayukumnikela esandleni sakhe, akuyukumlahla ngecala lapho ehlulelwa. Lindela uSimakade, ugcine indlela yakhe, Yena uzokuphakamisa udle ifa lomhlaba, uyobona lapho sebebhujiswa ababi. Ngimbonile omubi oyisidlova, enabise okomsedari eLebhanoni ogxilileyo. Kwathi lapho ngedlula ngalapho, wayengasabonwa nangalukhalo, ngamfuna, kodwa angabe ngisamfumana. Mqaphele ongenasici, umbheke oqotho, ngokuba uyobona izizukulwane onokuthula. Kepha abaphambukayo bayobhujiswa, baphele nya, nekusasa lababi lishabalale. Insindiso yabalungileyo ivela kuSimakade, uyinqaba yabo ngesikhathi senhlupheko. USimakade uyobasiza, abakhulule; ubakhulula kwababi, abasindise, ngokuba bayamethemba.

AmaHubo 37:1-40 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ungazikhathazi ngababi, ungabi namhawu ngabenza okungalungile. Ngokuba bayakusikwa masinyane njengotshani, babune njengemithana eluhlaza. Themba kuJehova, wenze okulungileyo; hlala ezweni, uzondle ngokukholeka; zithokozise ngoJehova, yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho. Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe; yena uzakukwenza. Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya, nokufanele wena njengemini. Thula phambi kukaJehova, ulindele yena; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu osongoza amacebo amabi. Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka, ungakhathazeki; kubanga ukona nje. Ngokuba ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba. Kuse ngumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho. Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu. Omubi uyamsongela olungileyo ngokubi, amgedlele amazinyo. INkosi iyakumhleka, ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe luyeza. Ababi bahosha inkemba, bansale umnsalo wabo ukuba bamwise phansi ohluphekileyo nompofu, babulale abandlela ilungile. Inkemba yabo izakungena kweyabo inhliziyo, iminsalo yabo yaphulwe. Okuncane anakho olungileyo kungcono kunemfuyo yababi abaningi. Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa, kepha uJehova uyabaphasa abalungileyo. UJehova uyazazi izinsuku zabaqotho; ifa labo liyakuma kuze kube phakade. Abayikujabha esikhathini esibi; bayakusutha ezinsukwini zendlala. Ngokuba ababi bayakubhubha; izitha zikaJehova zinjengobuhle bamadlelo: ziyakunyamalala, zinyamalale njengentuthu. Omubi uyatsheleka, angabuyiseli; kepha olungileyo unesihawu, aphane. Ngokuba ababusisiweyo bakhe bazakulidla ifa lomhlaba, kepha abaqalekiswa nguye bazakuchithwa. Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova; uyayithanda indlela yakhe. Noma ekhubeka, akayikuwa phansi, ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe. Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla. Usuku lonke uyahawukela, atsheleke, nenzalo yakhe iyisibusiso. Deda kokubi, wenze okuhle, uyakuhlala kuze kube phakade. Ngokuba uJehova uthanda ukulunga, akabashiyi abangcwele bakhe; bayalondolozwa kuze kube phakade, kepha inzalo yababi iyachithwa. Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo. Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha; ulimi lwakhe lukhuluma ukulunga. Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe; izinyathelo zakhe azisheleli. Omubi uqaphela olungileyo, ufuna ukumbulala. UJehova akayikumnikela esandleni sakhe; akayikumlahla lapho ahlulelwa khona. Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe; uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba, ubukele lapho ababi bechithwa khona. Ngambona omubi oyisidlova ezenabisile njengomuthi oluhlaza ogxilileyo; kwathi lapho umuntu edlula, bheka, wayengasekho; ngamfuna, kepha akabe esafunyanwa. Mbhekisise ongasolekiyo, umbone oqotho; ngokuba umuntu wokuthula, ukugcina kwakhe kuhle. Kepha abaphambukayo bayakubhujiswa bonke; isikhathi sababi siyakunqunywa. Ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova; uyinqaba yabo esikhathini sokuhlupheka. UJehova uyabasiza, abakhulule; ubakhulula kwababi, abasindise, ngokuba bayamethemba.

AmaHubo 37:1-40 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ihubo likaDavide. Ungakhathazeki ngababi, ungabahawukeli abenza okubi. Ngoba bazaqunywa masinyane njengotshani, babune njengezitshalo eziluhlaza. Thembela kuJehova, wenze okuhle; niyohlala ezweni, nondliwa. Zithokozise ngoJehova; futhi uzokunika okufiswa yinhliziyo yakho. Shiya indlela yakho kuJehova; thembela kuye futhi; futhi uyokwenza kwenzeke. Uyakuveza ukulunga kwakho njengokukhanya nokwahlulela kwakho njengemini enkulu. Hlala kuJehova, umlinde ngokubekezela; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi. Yeka ukuthukuthela, ushiye ukuthukuthela; ungathukutheli nganoma iyiphi indlela ukwenza okubi. Ngokuba abenzi bokubi bayakunqunywa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba. Kusengumzuzwana, omubi abe engasekho; yebo, kufanele ubhekisise indawo yakhe, futhi ngeke kube khona. Kodwa abathobekileyo bazakudla ifa lomhlaba; futhi bayojabula ngokuchichima kokuthula. Omubi uceba uzungu ngolungileyo, amgedlele amazinyo. INkosi izamhleka, ngoba ibona ukuthi usuku lwakhe luyeza. Ababi bahosha inkemba bahosha umnsalo ukuze bawise phansi abampofu nabampofu, babulale abahamba ngobuqotho. Inkemba yabo iyongena kweyabo inhliziyo, neminsalo yabo yaphulwe. Okuncane anakho olungileyo kungcono kunenotho yababi abaningi. Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa, kepha uJehova usekela abalungileyo. UJehova uyazazi izinsuku zabaqotho, nefa labo liyoba phakade. Abayikuba namahloni ngesikhathi sobubi, nangezinsuku zendlala bayakusutha. Kepha ababi bayakubhubha, izitha zikaJehova zinjengamanoni amawundlu; ziyakuqeda ngomusi. Omubi uyaboleka angabuyiseli, kepha olungileyo uhawukela, uyapha. Ngokuba ababusisiweyo nguye bayakudla ifa lomhlaba; lalabo abaqalekisiweyo nguye bazaqunywa. Izinyathelo zomuntu zimiswa nguJehova, futhi uyayithanda indlela yakhe. Noma ewa, akayikuwa phansi nesiqalekiso, ngokuba uJehova uyamsekela ngesandla sakhe. Ngangimusha, manje sengimdala; kepha angizange ngibone olungileyo eshiyiwe, nenzalo yakhe iphanza ukudla. Uhlala elesihawu njalo eboleka; nenzalo yakhe yabusiswa. Deda ebubini wenze okuhle; futhi uhlale phakade. Ngoba uJehova uthanda ubulungisa futhi akabashiyi abathandwayo bakhe; bayalondolozwa kuze kube phakade, kepha inzalo yababi iyachithwa. Abalungileyo bazakudla ilifa lelizwe njalo bahlale kulo kuze kube nininini. Umlomo wolungileyo ukhuluma ukuhlakanipha, nolimi lwakhe lukhuluma ukwahlulela. Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe; akuyikushelela nesisodwa izinyathelo zakhe. Ababi babuka olungileyo bafune ukumbulala. UJehova ngeke amshiye esandleni sakhe futhi ngeke amlahle lapho esahlulelwa. Lindelani uJehova, nimgcine; uyakunivusa ukuba nidle ifa lezwe; lapho ababi benqunywa, uyakukubona. Ngabona ukuthi omubi unamandla amakhulu; Kodwa wafa, bheka, wayengasekho; yebo, ngamfuna, kodwa akatholakalanga. Bheka umuntu opheleleyo, umbone oqotho, ngokuba isiphetho salowo muntu kungukuthula. Kodwa abaphambukayo bayobhujiswa kanyekanye; ukuphela kwababi kuyanqunywa. Kepha ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova; Uyinqaba yabo ngesikhathi sokuhlupheka. Futhi uJehova uyobasiza futhi abasindise; Uyobasindisa kwababi futhi abasindise, ngoba bethembele kuye.