AmaHubo 37:1-11
AmaHubo 37:1-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ungakhathazeki ngababi, ungabi namona ngabenza okungalungile, ngokuba bazosishulwa masinyane njengotshani, babune njengemifino. Thembela kuSimakade, wenze okuhle, ukuze uhlale ezweni, uzondle ngokukholeka; zithokozise ngoSimakade, khona ezokunika okufiswa yinhliziyo yakho. Nikela indlela yakho kuSimakade; umethembe, Yena uzokwenzela okufisayo. Ukulunga kwakho kukhanye njengelanga; nobulungiswa njengemini. Thula phambi kukaSimakade, umlindele ngesineke; ungakhathazeki ngonempumelelo endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi. Deda entukuthelweni, uyeke ulaka, ungakhathazeki, lokho kuholela ebubini nje. Ngokuba ababi bayobhujiswa, kodwa labo abalindela uSimakade ngesineke, bayodla ifa lomhlaba. Kusazothatha isikhashana engabe esababikho omubi, uyothi lapho uhlola indawo abe kuyo, ungamfumani. Kepha abathobekileyo bazokudla ifa lezwe, bathokozele ukuthula okukhulu.
AmaHubo 37:1-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ungazikhathazi ngababi, ungabi namhawu ngabenza okungalungile. Ngokuba bayakusikwa masinyane njengotshani, babune njengemithana eluhlaza. Themba kuJehova, wenze okulungileyo; hlala ezweni, uzondle ngokukholeka; zithokozise ngoJehova, yikhona ezakukunika okufiswa yinhliziyo yakho. Nikela indlela yakho esandleni sikaJehova, umethembe; yena uzakukwenza. Uzakuhlalukisa ukulunga kwakho njengokukhanya, nokufanele wena njengemini. Thula phambi kukaJehova, ulindele yena; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu osongoza amacebo amabi. Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka, ungakhathazeki; kubanga ukona nje. Ngokuba ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba. Kuse ngumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho. Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.
AmaHubo 37:1-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ihubo likaDavide. Ungakhathazeki ngababi, ungabahawukeli abenza okubi. Ngoba bazaqunywa masinyane njengotshani, babune njengezitshalo eziluhlaza. Thembela kuJehova, wenze okuhle; niyohlala ezweni, nondliwa. Zithokozise ngoJehova; futhi uzokunika okufiswa yinhliziyo yakho. Shiya indlela yakho kuJehova; thembela kuye futhi; futhi uyokwenza kwenzeke. Uyakuveza ukulunga kwakho njengokukhanya nokwahlulela kwakho njengemini enkulu. Hlala kuJehova, umlinde ngokubekezela; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu oceba amacebo amabi. Yeka ukuthukuthela, ushiye ukuthukuthela; ungathukutheli nganoma iyiphi indlela ukwenza okubi. Ngokuba abenzi bokubi bayakunqunywa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba. Kusengumzuzwana, omubi abe engasekho; yebo, kufanele ubhekisise indawo yakhe, futhi ngeke kube khona. Kodwa abathobekileyo bazakudla ifa lomhlaba; futhi bayojabula ngokuchichima kokuthula.