AmaHubo 32:1-5
AmaHubo 32:1-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe, osono sakhe sisibekelwe. Ubusisiwe umuntu uJehova angambaleli isiphambeko, kungekho nkohliso emoyeni wakhe. Kwathi ngithule, amathambo ami aguga ngokububula kwami usuku lonke. Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami, uloya lwami loma njengokomisa kwehlobo. Sela* Ngasivuma isono sami kuwe, angisifihlanga isiphambeko sami; ngathi: “Ngizakuzivuma izono zami kuJehova,” wena wathethelela icala lesono sami. Sela*
AmaHubo 32:1-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ubusisiwe umuntu osiphambeko sakhe sithethelelwe, osono sakhe sesuliwe. Ubusisiwe umuntu uSimakade angambaleli isiphambeko, okungekho nkohliso emoyeni wakhe. Ngenkathi ngithule, amathambo ami awohloka ngenxa yokububula usuku lonke. Isandla sakho sangicindezela kanzima ubusuku nemini, ngaphelelwa ngamandla, kwangathi ngihlaselwe wumoya weshisandlu. Sela Ngase ngisivuma isono sami kuwe, angaze ngasifihla isiphambeko sami.
AmaHubo 32:1-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ihubo likaDavide uMaskili. Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe, osono sakhe sisitshekelwe. Ubusisiwe umuntu uJehova angambaleli ububi futhi okungekho nkohliso emoyeni wakhe. Lapho ngithule, amathambo ami aguga ngenxa yokubhonga kwami usuku lonke. Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami; umswakama wami waphenduka ukoma kwasehlobo. Sela. Ngasivuma isono sami kuwe, kangibufihlanga ububi bami. Ngathi: Ngifuna ukuzivuma iziphambeko zami kuJehova; futhi wathethelela ububi besono sami. Sela.