AmaHubo 30:1-12
AmaHubo 30:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngiyakuphakamisa Simakade, ngokuba ungitakulile, awuvumanga ukuba izitha zami zithokoze ngami. Simakade, Nkulunkulu wami, ngikhale kuwe ngicela usizo, wangiphulukisa. Simakade ukhulule umoya wami endaweni yabafileyo, wangigcina ngiphilile, angaze ngashona egodini. Mdumiseni uSimakade, nina bathembekileyo bakhe, nibonge igama lakhe elingcwele. Ngokuba intukuthelo yakhe ingeyesikhashana, umusa wakhe umi ingunaphakade. Ukulila kungadonsa kuze kuhlwe; injabulo iqhamuke ekuseni. Mina ngathi lapho ngiphumelela: “Angisoze nganyakaziswa naphakade.” Simakade ngomusa wakho, wangenza nganjengentaba eqinileyo. Usubufihlile ubuso bakho, ngadangala. Ngakhala kuwe Simakade, nganxusa Nkosi yami, ngathi: “Kunanzuzoni ukufa kwami, lapho ngishona phansi egodini na? Ngabe uthuli luzokudumisa yini na? Ngabe luzokhuluma ngokwethembeka kwakho na? Yizwa, Simakade, ube nomusa kimi; Simakade yiba ngumsizi wami!” Ukulila kwami ukuphendule ijadu, wangikhumula ingubo yesaka, wangembathisa injabulo, ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungaphezi. Simakade, Nkulunkulu wami, ngizokubonga kuze kube phakade.
AmaHubo 30:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyakuphakamisa, Jehova, ngokuba ungikhuphulile; awuvumanga ukuba izitha zami zijabule phezu kwami. Jehova Nkulunkulu wami, ngakhala kuwe, wangiphilisa. Jehova, umphefumulo wami uwukhuphulile endaweni yabafileyo, wangiphilisa phakathi kwabashona emgodini. Dumisani uJehova nina enimkhonzayo, nibonge igama lakhe elingcwele. Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje, umusa wakhe uba ngowokuphila konke; kusihlwa kungena ukukhala, ekuseni ukujabula. Mina ngithe ekubuseni kwami: Angisoze nganyakaziswa naphakade. Jehova, ngomusa wakho ubuwenzile ukuba iqine intaba yami; wabufihla ubuso bakho, ngase ngithuthumela. Ngakhala kuwe Jehova; nganxusa kuJehova, ngathi: “Kukhona nzuzoni egazini lami nasekushoneni kwami egebeni na? Uthuli luzakukudumisa yini, lushumayele iqiniso lakho, na? Yizwa, Jehova, ube nomusa kimi; Jehova, yiba ngumsizi wami.” Waphendula ukukhala kwami kwaba ngukusina; wangikhumula izingubo zami zokulila, wangembathisa ukujabula, ukuze umphefumulo wami ukudumise, ungathuli; Jehova Nkulunkulu wami, ngizakukubonga kuze kube phakade.
AmaHubo 30:1-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ihubo nehubo ekungcwelisweni kwendlu kaDavide. Ngiyakukubonga, Jehova; ngokuba ungiphakamisile, awuvumelanga izitha zami ukuba zijabule ngami. Jehova Nkulunkulu wami, ngakhala kuwe, wangiphulukisa. Jehova, uwuphakamisile umphefumulo wami eHayidese; Wangigcina ngiphila, ukuze ngingehlele egodini. Hlabelelani kuJehova nina bangcwele bakhe, nidumise inkazimulo yobungcwele bakhe. Ngokuba ukufutheka kwakhe kuba ngokomzuzwana nje; emseni wakhe kukhona ukuphila: ukukhala kuhlezi ubusuku, kepha ekuseni kukhona intokozo. Ebuhleni bami ngathi: Kangiyikuntengantenga. Jehova, ngomusa wakho wenzile intaba yami yaqina; Ubufihlile ubuso Bakho, futhi ngesaba kakhulu. Ngakhala kuwe Jehova; ngamncenga uJehova. Kunanzuzoni egazini lami, uma ngehlela emgodini na? Ingabe uthuli luyokudumisa? ingabe izomemezela iqiniso Lakho? Yizwa, Jehova, ube nomusa kimi; Jehova, yiba ngumsizi wami. Waphendula ukulila kwami kwaba ngukusina; Wangihlubula indwangu yamasaka, wangibhincisa intokozo; Udumo lwami luze luhlabelele udumo lwakho, lungathuli. O Jehova Nkulunkulu wami, ngizokudumisa kuze kube phakade.