AmaHubo 27:1-5
AmaHubo 27:1-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade ungukukhanya kwami nensindiso yami. Ngubani engingamesaba na? USimakade uyinqaba yokuphila kwami. Ngubani engingaba novalo ngaye na? Lapho abenzi bokubi besondela kimi ukuba bangisoconge, abamelene nami nezitha zami bayokhubeka, baqumbeke phansi. Noma impi ingakanisa imelane nami, inhliziyo yami ayiyukwesaba, ngisho impi ingangivukela, nokho ngiyoba neqholo. Kukodwa zwi engikucela kuSimakade, yilokhu nje engizimisele ukukwenza: ukuba ngihlale endlini kaSimakade zonke izinsuku zokuphila kwami, ngibuke ubuhle bukaSimakade, ngizindle ngisendlini yakhe. Ngokuba uzongifihla edokodweni lakhe ngosuku lwenhlupheko, angicashise endaweni efihlakele ethendeni lakhe, angiphakamisele edwaleni.
AmaHubo 27:1-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami; ngizakwesaba bani na? UJehova uyinqaba yokuphila kwami; ngizakuba novalo ngobani na? Ekusondeleni kwababi ukuba badle inyama yami abamelene nami nezitha zami bayakhubeka, bawe. Noma impi imisa ngakimi, inhliziyo yami ayesabi; noma ngivukelwa ngukulwa, nokho nginethemba. Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna khona: ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwami ukubona ubuhle bukaJehova, ngibuke ithempeli lakhe. Ngokuba uyangithukusa edokodweni lakhe ngosuku lokuhlupheka, angicashise ekusithekeni kwetende lakhe, angiphakamisele edwaleni.
AmaHubo 27:1-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ihubo likaDavide. UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami; ngizakwesaba bani? uJehova ungamandla okuphila kwami; ngizosaba bani? Lapho ababi, yebo, izitha zami nezitha zami, befika phezu kwami ukuba badle inyama yami, bakhubeka bawa. Noma impi ingikanisa, inhliziyo yami ayesabi; noma ngivuka impi, ngiyakwethemba lokho. Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna; ukuze ngihlale endlini kaJehova zonke izinsuku zokuhamba kwami, ukuze ngibone inkazimulo kaJehova, ngibuze ethempelini lakhe. Ngokuba uyangithukusa etendeni lakhe ngesikhathi sokuhlupheka; uyangithukusa endaweni yokucasha yetende lakhe; Uzongimisa phezu kwedwala.