AmaHubo 26:1-12
AmaHubo 26:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngahlulele, Simakade, ngokuba ngihamba ngobuqotho, ngethembele kuwe angaze ngangabaza. Ngivivinye, Simakade, ungihlolisise, hlola izizindlo zenhliziyo yami, nengqondo yami. Ngokuba isihawu sakho siphambi kwami, ngihamba ngeqiniso lakho. Angihlali nabantu bamanga, angihambelani nezimbulu. Ngiyawuzonda umgwamanda wabenza okubi, futhi ngeke ngihlale nezikhohlakali. Ngigeza izandla zami ngingenacala, ukuze ngizungeze i-althare lakho, Simakade, ngimemezele ihubo lokubonga, ngilandise ngazo zonke izimangaliso zakho. Simakade, ngiyithanda kakhulu indlu ohlala kuyo, nendawo lapho kuhlala khona inkazimulo yakho. Ungangilahli kanye nezoni, nomphefumulo wami kanye nabantu abalambele igazi, abazandla zabo zingamathuluzi enkohlakalo, esokunene sabo sigcwele imifumbathiso. Kepha mina ngihamba ngobuqotho; ngikhulule, ube nomusa kimi. Unyawo lwami lumi endaweni ehlelembekile; ngisebandleni, ngizomdumisa uSimakade.
AmaHubo 26:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngahlulele, Jehova, ngokuba ngihamba ekulungeni kwami; ngithemba uJehova, angiyikuntenga. Ngivivinye, Jehova, ungilinge; hlolisisa izinso zami nenhliziyo yami. Ngokuba ububele bakho buphambi kwamehlo ami; ngihamba eqinisweni lakho. Angihlali nabantu bamanga, angihambelani nezimbulu. Ngiyawuzonda umhlangano wabenza okubi, angihlali nababi. Ngiyahlamba izandla zami ngingenacala, ngizungeza i-altare lakho, Jehova, ukuba ngizwakalise izwi lokudumisa, ngilande ngazo zonke izimangaliso zakho. Jehova, ngiyayithanda inkundla yendlu yakho nendawo lapho kuhlezi khona inkazimulo yakho. Ungamukisi umphefumulo wami kanye nezoni nokuphila kwami kanye nabantu begazi abanehlazo ezandleni zabo, nesokunene sabo sigcwele izipho zenkohliso. Kepha mina ngihamba ekulungeni kwami; ngihlenge, ube nomusa kimi. Unyawo lwami lumi ebaleni; ngizakudumisa uJehova emihlanganweni.
AmaHubo 26:1-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ihubo likaDavide. Ngahlulele, Jehova; ngokuba ngihambile ekulungeni kwami; nami ngathembela kuJehova; ngakho-ke angiyikushelela. Ngihlole, Jehova, ungivivinye; vivinya izinso zami nenhliziyo yami. Ngokuba umusa wakho uphambi kwamehlo ami, ngihamba eqinisweni lakho. Angihlalanga nabantu abayize, futhi angiyikungena nabakhohlisi. Ngawuzonda umhlangano wabenzi bokubi; futhi ngeke ahlale nababi. Ngiyakugeza izandla zami ngingenacala; kanjalo ngiyakuzungeza i-altare lakho, Jehova; ukuze ngimemezele ngezwi lokubonga, ngishumayele zonke izimangaliso zakho. Jehova, ngiyayithanda indawo yokuhlala yendlu yakho nendawo lapho inkazimulo yakho ihlala khona. Ungabutheli umphefumulo wami nezoni, nokuphila kwami nabantu begazi. Okusezandleni zabo okubi, nesandla sabo sokunene sigcwele imivuzo. Kepha mina ngiyakuhamba ngobuqotho bami; ngikhulule, ube nomusa kimi. Unyawo lwami lumi endaweni ehlelelekileyo; emabandleni ngiyakumdumisa uJehova.