AmaHubo 18:1-50

AmaHubo 18:1-50 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngiyakuthanda, Simakade, ongamandla ami. Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami. Ngikhala kuSimakade omele ukudunyiswa, ngisindiswe ezitheni zami. Izintambo zokufa zangizungeza, izikhukhula zembubhiso zangikhungatha. Izintambo zendawo yabafileyo zangibamba. Izihibe zokufa zangehlela. Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, ngakhala, uNkulunkulu walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami, kwafinyelela ezindlebeni zakhe. Umhlaba wazamazama, wathuthumela, izisekelo zezintaba zanyakaza, zashukumela emuva naphambili, wavutha. Ukhafula intuthu ngamakhala akhe, kuthaphuke umlilo oqothulayo emlonyeni wakhe, akhafule amalahle avuthayo. Uqhekeza isibhakabhaka bese ehla emi ngezinyawo zakhe, phezu kwesigayegaye sobumnyama. Uza endiza, egibele ikherubhi, eshweza ngamaphiko omoya. Uzisonge ngobumnyama, wazemboza ngemvula yamafu amnyama bhuqe! Wendulelwa ngumbani, amafu akhe ehlisa isichotho namalahle avuthayo. USimakade uyaduma esibhakabhakeni; Ophezukonke uyabhodla, wehlisa isichotho namalahle ankemuzelayo. Uciba ngemicibisholo yakhe, izitha zihlakazeke; umbani ulokhu uthi nyazi, uzidudulela kude. Ngenkathi Wena, Simakade, uzithethisa, lapho uzifutha ngamakhala akho, umphefumulo wakho uziqumbe phansi. Izinzulu zolwandle zavela obala, nezisekelo zomhlaba zaba kwabha. USimakade welule isandla sakhe esezulwini, wangixhakathisa, wangidonsa, engikhipha ezikhukhuleni ezesabekayo. Wangisindisa ezitheni zami ezinamandla; bezinamandla kunami, kodwa Yena wangihlenga. Zingihlasele ngacishe ngabhubha, kodwa uSimakade wangivikela. Ungikhululile kuzona; wangisindisa ngoba engithanda. USimakade ungiklomelisile, ngoba ngenza intando yakhe, ungenzele okuhle, ngoba ngimsulwa. Ngihlala ngihamba ezinyathelweni zikaSimakade, angikuvumeli ukuziphatha kwababi, kungehlukanise noNkulunkulu wami. Ngigcina yonke imithetho yakhe, futhi izimiso zakhe angizishayi indiva. Ngangingenasici phambi kwakhe, ngaziqhelelanisa nesono. USimakade wangivuza ngokwenza intando yakhe, ngoba ukubonile ukuthi ngimsulwa. Uhlala ethembekile kulabo abethembekile kuye, abangenasici ubavuza ngezipho ezipheleleyo. Konenhliziyo emhlophe uzibonakalisa ehlanzekile, kowonakele uzibonakalisa eyisigwegwe. NguWena osindisa abazithobayo, ujabhise abaqhoshayo. USimakade uNkulunkulu wami, ukhanyisa isibani sami, akhanyise ubumnyama bami. Ngokuba ngawe ngingahlasela impi, ngoNkulunkulu wami, ngingeqa ugange. Indlela yakho, Nkulunkulu, iphelele, izwi likaSimakade lihlanzekile, uyisihlangu sabo bonke abaphephela kuye. Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaSimakade na? Ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? UNkulunkulu ongibhincisa amandla, owenza indlela yami iphelele. Wenza izinyawo zami zibe njengezendluzele, angimise ngiqine ezindaweni zami eziphakemeyo. Uqeqesha izandla zami, ukuze ngikwazi ukulwa; izingalo zami zibe namandla okugobisa umnsalo wethusi. Wena unginike isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene singiphasile, ubukhona bakho bungenze ngaba mkhulu. Wandisile izinyathelo zami phansi kwami, namaqakala ami awabhinyikanga. Ngazixosha izitha zami, ngazifica, angibuyanga ngaze ngaziqede nya. Ngazilimaza, azakwazi ukuvuka, zawa phansi kwezinyawo zami. Wena ungibhincisa amandla ukuze ngimelane nempi, abangivukelayo ubenze bangikhothamela. Unikele ngezitha zami kimi, nabangizondayo ngabaqothula. Bakhala, kodwa akubangabikho obasindisayo, bakhala nakuSimakade, kepha akaze abaphendula. Ngibacolisisa okothuli lupheshulwa yisiphepho, ngibashabalalisa okodaka emgwaqweni. Wangikhulula kubantu abangivukelayo. Wangimisa ngaba yinhloko yezizwe, abantu engingabazi bangikhonza. Banele ukungizwa nje, bangilalela; abantwana babafokazi bayathoba phansi kwami. Abafokazi babuna, baphuma ezinqabeni zabo begubhazela. USimakade uyaphila, malidunyiswe idwala lami. Makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami. UNkulunkulu owangiphindiselela, wenza izizwe zakhonza phansi kwami. UNkulunkulu ungiphindiselele, wenza abantu bazithobe phansi kwami. Wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu. Ngakho-ke ngiyakumbonga phakathi kwezizwe; Simakade, ngiyakulihubela igama lakho. Uyenza ibe nkulu insindiso enkosini, wenza isihe kogcotshiweyo wakhe, kuDavide nabozalo lwakhe kuze kube phakade.

AmaHubo 18:1-50 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kumholi wokuhlabelela, iHubo likaDavide, inceku kaJehova, owakhuluma amazwi alelihubo kuJehova mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule: Wathi: Ngizakukuthanda, Jehova, mandla ami. UJehova uyidwala lami nenqaba yami nomsindisi wami; uNkulunkulu wami, inqaba yami, engimethembayo; isihlangu sami nophondo lwensindiso yami nombhoshongo wami ophakeme. Ngizabiza i Nkosi efanele ukudunyiswa; ngakho ngizakhululwa ezitheni zami. Izinhlungu zokufa zangizungeza, nezikhukhula zababi zangethusa. Izinhlungu zeHayidese zangizungeza, izihibe zokufa zangivimbezela. Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngambiza uNkulunkulu wami; Wezwa izwi lami ethempelini lakhe, nokukhala kwami kwaphumela ezindlebeni zakhe phambi kwakhe. Umhlaba wazamazama, wazamazama; Izisekelo zamagquma zazamazama, zazamazama, ngokuba Wayethukuthele. Kwenyuka umusi emakhaleni akhe nomlilo emlonyeni wakhe wadla; amalahle abaswa ngakho. Wawathoba amazulu, wehla, nobumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe. Wakhwela phezu kwekherubi, wandiza; yebo, wandiza ngamaphiko omoya. Wenza ubumnyama baba yindawo yakhe yokucasha; idokodo lakhe lalimzungezile, amanzi amnyama namafu ezulu. Ngokukhazimula okwakuphambi kwakhe, amafu akhe amakhulu adlula, isichotho namalahle omlilo. UJehova waduma ezulwini, oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe; isichotho namalahle. Yebo, wathuma imicibisholo yakhe, wabahlakaza; wadubula umbani wabadungadulisa. Kwase kubonakala imifula yamanzi, nezisekelo zomhlaba zambulwa ngokusola kwakho, Jehova, ngokufutha komoya wekhala lakho. Wathumela esezulwini, wangibamba, wangikhipha emanzini amaningi. Wangisindisa esitheni sami esinamandla nakubo ababengizonda, ngokuba babenamandla kunami. Bangivimbezela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami. Wangikhipha wangiyisa endaweni enkulu; Wangisindisa, ngokuba wayethokozile ngami. UJehova ungivuzile njengokulunga kwami; wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami. Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova, angisukanga kuNkulunkulu wami ngobubi. Ngoba zonke izimiso zakhe zaziphambi kwami, njalo kangisusanga kimi izimiso zakhe. Ngangiqotho phambi kwakhe, ngazilinda ebubini bami. Ngakho uJehova wangibuyisela njengokulunga kwami, njengobumsulwa bezandla zami phambi kwamehlo akhe. Konesihawu nawe uyakuba nomusa; endodeni eqotho uzozibonakalisa uqotho; Kohlanzekileyo uyozibonakalisa uhlanzekile; futhi ngokungalungile uzozihumusha wena. Ngoba wena uyakusindisa abantu abahluphekayo; kodwa uyokwehlisa ukubonakala okuphezulu. Ngokuba wena uyakukhanyisa isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakukhanyisa ubumnyama bami. Ngokuba ngawe ngadabula iqembu lezigelekeqe; ngoNkulunkulu wami ngeqa udonga. UNkulunkulu yena, indlela yakhe iphelele; izwi likaJehova lihloliwe; Uyisihlangu kubo bonke abamethembayo. Ngoba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova? Ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? NguNkulunkulu ongibhincisa amandla, owenza indlela yami iphelele. Wenza izinyawo zami zibe njengezezindluzele, ungimisa ezindaweni zami eziphakemeyo. Ufundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami ziqhamuke umnsalo wensimbi. Wena wanginika isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene sangibamba, lomusa wakho wangikhulisa. Wavula izinyawo zami phansi kwami, ukuze izinyawo zami zingasheleli. Ngazixosha izitha zami, ngazifica; Ngabalimaza ukuze bangakwazi ukusukuma; zawa phansi kwezinyawo zami. Wangibhincisa amandla okulwa; Abangivukelayo wababeka phansi kwami. Wanginika izintamo zezitha zami; ukuze ngibhubhise abangizondayo. Bakhala, kepha kwakungekho okhululayo: kuJehova, kepha akabaphendulanga. Ngabachoboza njengothuli phambi komoya; ngabalahla njengothuli emigwaqweni. Wangikhulula ekuxabaneni kwabantu; ungenze inhloko yezizwe; abantu engingabazi bayongikhonza. Ngokushesha nje lapho bezwa ngaMi, bayongilalela; abafokazi bazozithoba Kimi. Abafokazi bayonyamalala futhi besatshwe ezindaweni zabo eziseduze. UJehova uyaphila; futhi libusisiwe idwala lami; futhi makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami. NguNkulunkulu ongiphindiselayo, othobisa abantu phansi kwami. Uyangikhulula ezitheni zami, yebo, uyangiphakamisa phezu kwabangivukelayo; Wangikhulula kumcindezeli. Ngalokho ngiyakukubonga, Jehova, phakathi kwezizwe, ngihubele igama lakho. Unika inkosi yakhe ukukhululwa okukhulu; futhi ubonise umusa kogcotshiweyo wakhe, kuDavide nenzalo yakhe kuze kube phakade.

AmaHubo 18:1-50 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngiyakuthanda, Jehova, mandla ami. Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo. Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami. Izintambo zokufa zangizungelezela, izikhukhula zokona zangethusa. Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela. Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe. Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezintaba zathuthumela, zagubhuzela ngokuba ethukuthele. Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo odlayo emlonyeni wakhe; amalahle avutha kuye. Wathobisa izulu, wehla; ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe. Wakhwela phezu kwekherubi,* wandiza; washweza ngamaphiko omoya. Ubumnyama wabenza isisibekelo, idokodo lakhe elimphahlayo; amanzi amnyama, amafu anzima. Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe amafu akhe abanga phambili, isichotho namalahle avuthayo. UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe: isichotho namalahle avuthayo. Wathuma imicibisholo yakhe, wabangquzula, nemibani eminingi, wabadidizelisa. Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sakho, Jehova, ngokufutha komoya wamakhala akho. Waselula isandla sakhe ephezulu, wangibamba; wangikhipha emanzini amaningi. Wangophula esitheni sami esinamandla nakubo abangizondayo, ngokuba base bengahlulile. Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami. Wangiphumisela endaweni ebanzi; wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami. UJehova wangivuza ngokokulunga kwami; wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami. Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova, angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga. Ngokuba yonke imithetho yakhe yayiphambi kwami, nezimiso zakhe angivumanga ukuba zisuke kimi. Ngangiphelele kuye; ngabuxwaya ububi. UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami, njengokuhlanzeka kwezandla zami phambi kwamehlo akhe. Kothembekileyo uyazibonakalisa uthembekile; kumuntu oqotho uzibonakalisa uqotho; kohlanzekileyo uyazibonakalisa uhlanzekile; koyisigwegwe uyazibonakalisa unenkani. Ngokuba wena uyabasindisa abantu abathobekileyo, kepha amehlo abaqhoshileyo uyawathobisa. Ngokuba wena uyokhela isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami. Ngokuba ngawe ngingahlasela impi; ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange. Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye. Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova, ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? uNkulunkulu ongibhincisa amandla, owenza indlela yami ilunge; owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi, angimise emagqumeni ami; ofundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi. Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene singisekele, nobumnene bakho bungikhulisile. Amabanga okunyathela kwami uwandisile; amaqakala ami awaxegi. Ngazixosha izitha zami, ngazifica; angibuyanga ngingakaziqedi. Ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka; zawa phansi kwezinyawo zami. Wangibhincisa amandla okulwa; ababengivukele wabathobisa phansi kwami. Wangifulathelisela izitha zami, nabangizondayo ngabaqothula. Bakhala, kepha akubangakho osindisayo, nakuJehova, kodwa akaze aphendula. Ngabacolisisa njengothuli emoyeni; ngabalahla njengensila ezitaladini. Wangikhulula ezimpini zabantu; wangimisa ngaba yinhloko yabezizwe; abantu engingabaziyo bangikhonza. Banele ukungizwa nje ngendlebe, base bengilalela; abafo bazithoba phansi kwami. Abafo babuna, baphuma ezinqabeni zabo bethuthumele. UJehova usekhona, malidunyiswe iDwala lami; makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami, uNkulunkulu onginikile impindiselo, wathobisa izizwe phansi kwami; ongikhululile ezitheni zami, yebo, ongiphakamisile phezu kwabangivukelayo, wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu. Ngalokho-ke ngizakukubonga phakathi kwabezizwe, Jehova, ngilihubele igama lakho. Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe; uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.

AmaHubo 18:1-50 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kumholi wokuhlabelela, iHubo likaDavide, inceku kaJehova, owakhuluma amazwi alelihubo kuJehova mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule: Wathi: Ngizakukuthanda, Jehova, mandla ami. UJehova uyidwala lami nenqaba yami nomsindisi wami; uNkulunkulu wami, inqaba yami, engimethembayo; isihlangu sami nophondo lwensindiso yami nombhoshongo wami ophakeme. Ngizabiza i Nkosi efanele ukudunyiswa; ngakho ngizakhululwa ezitheni zami. Izinhlungu zokufa zangizungeza, nezikhukhula zababi zangethusa. Izinhlungu zeHayidese zangizungeza, izihibe zokufa zangivimbezela. Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngambiza uNkulunkulu wami; Wezwa izwi lami ethempelini lakhe, nokukhala kwami kwaphumela ezindlebeni zakhe phambi kwakhe. Umhlaba wazamazama, wazamazama; Izisekelo zamagquma zazamazama, zazamazama, ngokuba Wayethukuthele. Kwenyuka umusi emakhaleni akhe nomlilo emlonyeni wakhe wadla; amalahle abaswa ngakho. Wawathoba amazulu, wehla, nobumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe. Wakhwela phezu kwekherubi, wandiza; yebo, wandiza ngamaphiko omoya. Wenza ubumnyama baba yindawo yakhe yokucasha; idokodo lakhe lalimzungezile, amanzi amnyama namafu ezulu. Ngokukhazimula okwakuphambi kwakhe, amafu akhe amakhulu adlula, isichotho namalahle omlilo. UJehova waduma ezulwini, oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe; isichotho namalahle. Yebo, wathuma imicibisholo yakhe, wabahlakaza; wadubula umbani wabadungadulisa. Kwase kubonakala imifula yamanzi, nezisekelo zomhlaba zambulwa ngokusola kwakho, Jehova, ngokufutha komoya wekhala lakho. Wathumela esezulwini, wangibamba, wangikhipha emanzini amaningi. Wangisindisa esitheni sami esinamandla nakubo ababengizonda, ngokuba babenamandla kunami. Bangivimbezela ngosuku lwesigemegeme sami, kepha uJehova waba yinsika yami. Wangikhipha wangiyisa endaweni enkulu; Wangisindisa, ngokuba wayethokozile ngami. UJehova ungivuzile njengokulunga kwami; wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami. Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova, angisukanga kuNkulunkulu wami ngobubi. Ngoba zonke izimiso zakhe zaziphambi kwami, njalo kangisusanga kimi izimiso zakhe. Ngangiqotho phambi kwakhe, ngazilinda ebubini bami. Ngakho uJehova wangibuyisela njengokulunga kwami, njengobumsulwa bezandla zami phambi kwamehlo akhe. Konesihawu nawe uyakuba nomusa; endodeni eqotho uzozibonakalisa uqotho; Kohlanzekileyo uyozibonakalisa uhlanzekile; futhi ngokungalungile uzozihumusha wena. Ngoba wena uyakusindisa abantu abahluphekayo; kodwa uyokwehlisa ukubonakala okuphezulu. Ngokuba wena uyakukhanyisa isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakukhanyisa ubumnyama bami. Ngokuba ngawe ngadabula iqembu lezigelekeqe; ngoNkulunkulu wami ngeqa udonga. UNkulunkulu yena, indlela yakhe iphelele; izwi likaJehova lihloliwe; Uyisihlangu kubo bonke abamethembayo. Ngoba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova? Ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na? NguNkulunkulu ongibhincisa amandla, owenza indlela yami iphelele. Wenza izinyawo zami zibe njengezezindluzele, ungimisa ezindaweni zami eziphakemeyo. Ufundisa izandla zami ukulwa, ukuze izingalo zami ziqhamuke umnsalo wensimbi. Wena wanginika isihlangu sensindiso yakho, isandla sakho sokunene sangibamba, lomusa wakho wangikhulisa. Wavula izinyawo zami phansi kwami, ukuze izinyawo zami zingasheleli. Ngazixosha izitha zami, ngazifica; Ngabalimaza ukuze bangakwazi ukusukuma; zawa phansi kwezinyawo zami. Wangibhincisa amandla okulwa; Abangivukelayo wababeka phansi kwami. Wanginika izintamo zezitha zami; ukuze ngibhubhise abangizondayo. Bakhala, kepha kwakungekho okhululayo: kuJehova, kepha akabaphendulanga. Ngabachoboza njengothuli phambi komoya; ngabalahla njengothuli emigwaqweni. Wangikhulula ekuxabaneni kwabantu; ungenze inhloko yezizwe; abantu engingabazi bayongikhonza. Ngokushesha nje lapho bezwa ngaMi, bayongilalela; abafokazi bazozithoba Kimi. Abafokazi bayonyamalala futhi besatshwe ezindaweni zabo eziseduze. UJehova uyaphila; futhi libusisiwe idwala lami; futhi makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami. NguNkulunkulu ongiphindiselayo, othobisa abantu phansi kwami. Uyangikhulula ezitheni zami, yebo, uyangiphakamisa phezu kwabangivukelayo; Wangikhulula kumcindezeli. Ngalokho ngiyakukubonga, Jehova, phakathi kwezizwe, ngihubele igama lakho. Unika inkosi yakhe ukukhululwa okukhulu; futhi ubonise umusa kogcotshiweyo wakhe, kuDavide nenzalo yakhe kuze kube phakade.

AmaHubo 18:1-50

AmaHubo 18:1-50 ZUL59AmaHubo 18:1-50 ZUL59