AmaHubo 18:1-2
AmaHubo 18:1-2 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngiyakuthanda, Simakade, ongamandla ami. Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami.
AmaHubo 18:1-2 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyakuthanda, Jehova, mandla ami. Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.
AmaHubo 18:1-2 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela, iHubo likaDavide, inceku kaJehova, owakhuluma amazwi alelihubo kuJehova mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule: Wathi: Ngizakukuthanda, Jehova, mandla ami. UJehova uyidwala lami nenqaba yami nomsindisi wami; uNkulunkulu wami, inqaba yami, engimethembayo; isihlangu sami nophondo lwensindiso yami nombhoshongo wami ophakeme.