AmaHubo 18:1-15
AmaHubo 18:1-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngiyakuthanda, Simakade, ongamandla ami. Simakade, uyidwala lami nenqaba yami, noMkhululi wami, uNkulunkulu wami; uyidwala engikhosela kulo, isihlangu sami, nophondo lwensindiso yami, inqaba yami. Ngikhala kuSimakade omele ukudunyiswa, ngisindiswe ezitheni zami. Izintambo zokufa zangizungeza, izikhukhula zembubhiso zangikhungatha. Izintambo zendawo yabafileyo zangibamba. Izihibe zokufa zangehlela. Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, ngakhala, uNkulunkulu walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami, kwafinyelela ezindlebeni zakhe. Umhlaba wazamazama, wathuthumela, izisekelo zezintaba zanyakaza, zashukumela emuva naphambili, wavutha. Ukhafula intuthu ngamakhala akhe, kuthaphuke umlilo oqothulayo emlonyeni wakhe, akhafule amalahle avuthayo. Uqhekeza isibhakabhaka bese ehla emi ngezinyawo zakhe, phezu kwesigayegaye sobumnyama. Uza endiza, egibele ikherubhi, eshweza ngamaphiko omoya. Uzisonge ngobumnyama, wazemboza ngemvula yamafu amnyama bhuqe! Wendulelwa ngumbani, amafu akhe ehlisa isichotho namalahle avuthayo. USimakade uyaduma esibhakabhakeni; Ophezukonke uyabhodla, wehlisa isichotho namalahle ankemuzelayo. Uciba ngemicibisholo yakhe, izitha zihlakazeke; umbani ulokhu uthi nyazi, uzidudulela kude. Ngenkathi Wena, Simakade, uzithethisa, lapho uzifutha ngamakhala akho, umphefumulo wakho uziqumbe phansi. Izinzulu zolwandle zavela obala, nezisekelo zomhlaba zaba kwabha.
AmaHubo 18:1-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyakuthanda, Jehova, mandla ami. Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo. Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo, ngisindiswe ezitheni zami. Izintambo zokufa zangizungelezela, izikhukhula zokona zangethusa. Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela. Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe. Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela; izisekelo zezintaba zathuthumela, zagubhuzela ngokuba ethukuthele. Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo odlayo emlonyeni wakhe; amalahle avutha kuye. Wathobisa izulu, wehla; ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe. Wakhwela phezu kwekherubi,* wandiza; washweza ngamaphiko omoya. Ubumnyama wabenza isisibekelo, idokodo lakhe elimphahlayo; amanzi amnyama, amafu anzima. Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe amafu akhe abanga phambili, isichotho namalahle avuthayo. UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe: isichotho namalahle avuthayo. Wathuma imicibisholo yakhe, wabangquzula, nemibani eminingi, wabadidizelisa. Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sakho, Jehova, ngokufutha komoya wamakhala akho.
AmaHubo 18:1-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela, iHubo likaDavide, inceku kaJehova, owakhuluma amazwi alelihubo kuJehova mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule: Wathi: Ngizakukuthanda, Jehova, mandla ami. UJehova uyidwala lami nenqaba yami nomsindisi wami; uNkulunkulu wami, inqaba yami, engimethembayo; isihlangu sami nophondo lwensindiso yami nombhoshongo wami ophakeme. Ngizabiza i Nkosi efanele ukudunyiswa; ngakho ngizakhululwa ezitheni zami. Izinhlungu zokufa zangizungeza, nezikhukhula zababi zangethusa. Izinhlungu zeHayidese zangizungeza, izihibe zokufa zangivimbezela. Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngambiza uNkulunkulu wami; Wezwa izwi lami ethempelini lakhe, nokukhala kwami kwaphumela ezindlebeni zakhe phambi kwakhe. Umhlaba wazamazama, wazamazama; Izisekelo zamagquma zazamazama, zazamazama, ngokuba Wayethukuthele. Kwenyuka umusi emakhaleni akhe nomlilo emlonyeni wakhe wadla; amalahle abaswa ngakho. Wawathoba amazulu, wehla, nobumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe. Wakhwela phezu kwekherubi, wandiza; yebo, wandiza ngamaphiko omoya. Wenza ubumnyama baba yindawo yakhe yokucasha; idokodo lakhe lalimzungezile, amanzi amnyama namafu ezulu. Ngokukhazimula okwakuphambi kwakhe, amafu akhe amakhulu adlula, isichotho namalahle omlilo. UJehova waduma ezulwini, oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe; isichotho namalahle. Yebo, wathuma imicibisholo yakhe, wabahlakaza; wadubula umbani wabadungadulisa. Kwase kubonakala imifula yamanzi, nezisekelo zomhlaba zambulwa ngokusola kwakho, Jehova, ngokufutha komoya wekhala lakho.