AmaHubo 15:1-4
AmaHubo 15:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Simakade, ngubani oyakuhlala ethendeni lakho na? Ngubani oyakukwakha entabeni yakho engcwele na? Yilowo onkambo yakhe ingenasici, futhi owenza ukulunga, okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe; ongahlebi ngolimi lwakhe, ongenzi okubi kumngani wakhe, nongamhleki usulu umakhelwane wakhe; obenyanyayo abanengekayo, kepha ebazisa abesaba uSimakade; owenza isifungo asigcine, noma isimo singamvumeli
AmaHubo 15:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ihubo likaDavide. Jehova, ngubani oyakuhlala etendeni lakho na? ngubani oyakuhlala entabeni yakho engcwele na? Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ubulungisa nokhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe. Lowo ongaphindiseli ngolimi lwakhe, angalimazi umakhelwane wakhe, angamhlambalazi umakhelwane wakhe. Odelelekile emehlweni akhe; kodwa uyabahlonipha abamesabayo uJehova. Ofungayo kokwakhe angaguquki.
AmaHubo 15:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Jehova, ngubani oyakuhlala etendeni lakho na? Ngubani oyakwakha entabeni yakho engcwele na? Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga, okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe, ongahlebi ngolimi lwakhe, ongamoni umngane wakhe, nongamhlazi umakhelwane wakhe; obuka onengekayo ngokuzakumenyanya, kepha ebazisa abamesabayo uNkulunkulu; ofunga ngokuzakumlimaza, nokho angalaphuli izwi lakhe