AmaHubo 149:1-9
AmaHubo 149:1-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Haleluya! Hubelani uSimakade ihubo elisha, izibongo zakhe, emhlanganweni wabathembekileyo. U-Israyeli makathokoze ngoMenzi wakhe, abantwana baseZiyoni bethabele iNkosi yabo. Mabadumise igama lakhe ngokusina, bamhubele ngesigubhu nehabhu, ngokuba uSimakade uyathokoza ngabantu bakhe abathobekileyo, ubahlobisa ngensindiso. Abathembekileyo mabathokoze ngokunqoba, mabahlabelele ngentokozo. Ukuphakamisa uNkulunkulu makube semilonyeni yabo, baphathe ngesandla inkemba ekhaliphe nhlangothi zombili, ukuze baziphindiselele ezizweni, bajezise abezizwe. Amakhosi abo bawabophe ngamaketanga, nabadumileyo babo, ngezibopho zensimbi, ukuze babajezise ngesijeziso esilotshiweyo. Kuludumo kubo bonke abathembekileyo bakhe. Haleluya!
AmaHubo 149:1-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Haleluya! Hlabelelani kuJehova igama elisha, indumiso yakhe emhlanganweni wabangcwele. U-Israyeli makathokoze ngowamEnzayo, abantwana baseSiyoni bethabele iNkosi yabo. Mabadumise igama lakhe ngokusina, bamhubele ngesigubhu nehabhu.* Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe; abathobekileyo uyabahlobisa ngensindiso. Abalungileyo mabethabe ngobukhosi, Ukumphakamisa uNkulunkulu makube semlonyeni wabo, nenkemba esika nhlangothi zombili esandleni sabo, ukuba benze impindiselo kubo abezizwe nezijeziso kubantu, babophe amakhosi abo ngamaketanga nabadumileyo babo ngezibopho zensimbi, bafeze phezu kwabo isahlulelo esilotshiweyo; kuludumo kubo bonke abangcwele bakhe. Haleluya!
AmaHubo 149:1-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Dumisani uJehova. Hlabelelani kuJehova ihubo elisha nodumo lwakhe emhlanganweni wabangcwele. U-Israyeli makajabule ngaye owamenzayo; abantwana baseSiyoni mabajabule ngeNkosi yabo. Mabadumise igama lakhe ekusina, bahlabele kuye ngesigubhu nehabhu. Ngokuba uJehova uyathokoza ngabantu bakhe; Uyohlobisa abathobekileyo ngensindiso. Abangcwele mabajabule enkazimulweni; mabahube emibhedeni yabo. Indumiso kaNkulunkulu mayibe semilonyeni yabo nenkemba esika nhlangothi zombili esandleni sabo; ukuphindisela kwabezizwe, lokujezisa ezizweni; ukuze babophe amakhosi abo ngamaketane, lezikhulu zabo ngezibopho zensimbi; ukuze enze phezu kwabo isahlulelo esilotshiweyo sokuthi: Loludumo lulodumo lwabangcwele bakhe bonke. Dumisani uJehova.