AmaHubo 148:1-14
AmaHubo 148:1-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Haleluya! Dumisani uSimakade ezulwini, nimdumise kweliphezulu. Mdumiseni nina zingelosi zakhe zonke, nimdumise nina mabandla akhe wonke. Mdumiseni nina langa nenyanga, nimdumise nina zinkanyezi zonke ezikhanyayo. Mdumiseni nina mazulu amazulu, nina manzi aphezu kwezulu. Konke makudumise igama likaSimakade, ngokuba nguYena owayaleza, kwadaleka. Wakumisa kwaze kwaba phakade naphakade, wakushayela umthetho okungenakuweqa. Mdumiseni uSimakade emhlabeni nina mikhomo nezintwa zonke, nawe mlilo nesichotho, liqhwa nenkwezane, nawe siphepho esenza okwezwi lakhe, nani zintaba namagquma wonke, nani mithi ethelayo, nayo yonke imisedari, nani zilwane nemfuyo yonke, nani eninwabuzelayo nezinyoni ezindizayo, nani makhosi omhlaba nabantu bonke, nani zikhulu nabehluleli bonke bomhlaba, nani zinsizwa nezintombi, nani maxhegu nabafana. Manidumise igama likaSimakade, ngokuba ngelakhe lodwa igama eliphakemeyo, inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu. Useluphakamisile udumo lwabantu bakhe, ngalokho-ke abethembekileyo bakhe bayamdumisa, abantu bakwa-Israyeli; abantu abaseduze naye. Haleluya!
AmaHubo 148:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Haleluya! Dumisani uJehova ezulwini, nimdumise kweliphezulu. Mdumiseni nina zingelosi zakhe zonke, nimdumise nina mabandla akhe onke. Mdumiseni nina langa nenyanga, nimdumise nina zinkanyezi zonke ezikhanyayo. Mdumiseni nina mazulu amazulu, nina manzi aphezu kwezulu. Makuthathe kudumise igama likaJehova, ngokuba wayaleza, kwadaleka. Futhi wakumisa kuze kube phakade; washaya umthetho ongenakweqiwa. Mdumiseni uJehova emhlabeni nina mikhomo nezintwa zonke, nawe mlilo nesichotho, liqhwa nenkwezane, nawe siphepho esenza okwezwi lakhe, nani zintaba namagquma onke, nani mithi ethelayo nayo yonke imisedari,* nani zilwane nezinkomo zonke, nani eninwabuzelayo nezinyoni ezindizayo, nani makhosi omhlaba nabantu bonke, nani zikhulu nabahluleli bonke bomhlaba, nani zinsizwa nezintombi, nani maxhegu nabafana. Mabadumise igama likaJehova, ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu. Usephakamisile uphondo lwabantu bakhe; ngalokho bayamdumisa abangcwele bakhe, abantwana bakwa-Israyeli, abantu abaseduze naye. Haleluya!
AmaHubo 148:1-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Dumisani uJehova. Dumisani uJehova ezulwini, nimdumise ezindaweni eziphakemeyo. Mdumiseni nina zingelosi zakhe zonke, nimdumise nina mabandla akhe onke. Mdumiseni nina langa nenyanga, mdumiseni nina zinkanyezi zonke zokukhanya. Mdumiseni nina mazulu ezulu, nani manzi aphezu kwezulu. Mazidumise igama likaJehova, ngokuba wayala, zadalwa. Futhi wabaqinisa kuze kube phakade naphakade; Dumisani uJehova emhlabeni, nina Dragons nakuwo wonke utwa! Umlilo nesichotho; iqhwa nomhwamuko; isivunguvungu esigcwalisa izwi lakhe: Izintaba nawo wonke amagquma; izihlahla zezithelo nemisedari yonke; izilwane nezinkomo zonke; izinto ezinwabuzelayo nezinyoni ezindizayo: Amakhosi omhlaba nabantu bonke; izikhulu nabo bonke abahluleli bomhlaba. Izinsizwa nezintombi; abadala nabantwana: Mabadumise igama likaJehova, ngokuba igama lakhe lodwa likhulu; inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu. Uyaluphakamisa uphondo lwabantu bakhe, udumo lwabangcwele bakhe bonke; wabantwana bakwa-Israyeli, abantu ababeseduze naye. Dumisani uJehova.