AmaHubo 147:1-20 - Compare All Versions

AmaHubo 147:1-20 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Haleluya! Kumnandi kakhulu ukuhlabelelela uNkulunkulu wethu, ngokuba unomusa, indumiso imfanele. USimakade wakha iJerusalema, uqoqa abakwa-Israyeli ababexoshiwe. Welapha abanhliziyo zephukile, abophe izilonda zabo. Ubala inani lezinkanyezi, azibize zonke ngamagama. INkosi yethu inkulu, makhulu amandla ayo; ukuqonda kwayo akunakulinganiswa. USimakade uyabaphakamisa abathobekileyo, izikhohlakali uziqumba phansi. Hubelani uSimakade ngokubonga, nimdumise uNkulunkulu wethu ngehabhu, osibekela izulu ngamafu, olungisela umhlaba imvula, ohlumisa utshani ezintabeni. Unika izinkomo ukudla kwazo, namazinyane egwababa akhalayo. Akathokozi ngamandla ehhashi, akajatshuliswa yijubane lomuntu. USimakade ujatshuliswa ngabamesabayo, labo abathembela emuseni wakhe. Jerusalema, mbabaze uSimakade, Ziyoni, mdumise uNkulunkulu wakho, ngokuba imigoqo yamasango uyiqinisile, ubabusisile abantwana bakho ngaphakathi kwakho. Wenza kube nokuthula emingceleni yakho, akusuthise ngokolo. Uthumela umyalo wakhe emhlabeni, izwi lakhe ligijima ngesikhulu isivinini. Wendlala iqhwa njengoboya, asakaze isithwathwa njengomlotha. Wehlisa isichotho njengezinhlamvu; ngubani ongema phambi kwamakhaza akhe na? Usho ngezwi, kuncibilike; wenza umoya uphephethe, amanzi ageleze. Uzwakalisa izwi lakhe kuJakobe, izimiso zakhe nezehlulelo zakhe, ku-Israyeli. Asikho isizwe ake wenza kanjalo kuso, azizazi izehlulelo zakhe. Haleluya!

AmaHubo 147:1-20 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Haleluya! Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu, yebo, kumnandi; ukudumisa kufanele. UJehova uyalakha iJerusalema; abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha. Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo; izilonda zabo uyazibopha. Uyabala inani lezinkanyezi, azibize zonke ngamagama. INkosi yethu inkulu, makhulu amandla ayo; ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa. UJehova uyaphakamisa abathobekileyo; ababi uyabawisa phansi emhlabathini. Hubelani uJehova ngokubonga, nimdumise uNkulunkulu wethu ngehabhu,* osibekela izulu ngamafu, olungisela umhlaba imvula, ohlumisa utshani ezintabeni. Unika izinkomo ukudla kwazo, namazinyane egwababa akhalayo. Akathokozi ngamandla ehhashi, akajabuleli imilenze yomuntu. UJehova uyathokoza ngabamesabayo, abathemba umusa wakhe. Jerusalema, mbabaze uJehova; Siyoni, mdumise uNkulunkulu wakho. Ngokuba uqinisile imigoqo yamasango; ubusisile abantwana bakho phakathi kwakho. Uyenza ukuthula emikhawulweni yakho; uyakusuthisa ngokolweni omuhle. Uyathumela umyalo wakhe emhlabeni; izwi lakhe ligijima ngejubane elikhulu. Uyanika iqhwa njengoboya; uhlakaza isithwathwa njengomlotha. Uyaphonsa isichotho sakhe njengezinhlamvu; ngubani ongema phambi kwamakhaza akhe na? Uyathuma izwi lakhe, likuncibilikise; uyavusa umoya wakhe, amanzi agobhoze. Uyatshengisa izwi lakhe kuJakobe, izimiso zakhe nezahlulelo zakhe ku-Israyeli. Akenzanga njalo kwesinye isizwe nesisodwa: izahlulelo zakhe asizazi. Haleluya!

AmaHubo 147:1-20 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Dumisani uJehova, ngokuba kuhle ukuhlabelela inkazimulo kaNkulunkulu wethu; ngoba kumnandi; nokudumisa kuthandeka. UJehova uyalakha iJerusalema, abuthe abaxoshiweyo bakwa-Israyeli. Uyelapha abanenhliziyo eyaphukileyo abophe amanxeba abo. Ubala inani lezinkanyezi; zonke izibiza ngamagama azo. INkosi yethu inkulu futhi inamandla amakhulu, ukuqonda kwayo akupheli. UJehova uyaphakamisa abathobekileyo, ababi uyabaphonsa phansi. Hlabelelani kuJehova ngokubonga; hlabelelani inkazimulo kaNkulunkulu wethu ngesigubhu. Osibekela izulu ngamafu, olungisela umhlaba imvula, ohlumisa utshani ezintabeni. Unika isilwane ukudla namazinyane amagwababa ekhala. Akathokozi ngamandla ehhashi; akathokozi ngemilenze yomuntu. UJehova uyathokoza kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe. Dumisa uJehova, wena Jerusalema! dumisa uNkulunkulu wakho, Ziyoni! Ngokuba waqinisa imigoqo yamasango akho; Wababusisa abantwana bakho kuwe. Wenza ukuthula endaweni yakho, akugcwalise ngengqoloyi enhle kakhulu. Uyathumela umyalo wakhe emhlabeni; izwi lakhe ligijima kakhulu. Unika iqhwa njengoboya, ahlakaze isithwathwa njengomlotha. Uthulula iqhwa lakhe njengezicucu; ngubani ongema phambi kwamakhaza akhe na? Uyathuma izwi lakhe, likuncibilikise; Wenza umoya wakhe uvunguze futhi amanzi agobhoze. Uyamazisa izwi lakhe kuJakobe, izimiso zakhe nezimiso zakhe ku-Israyeli. Kanjalo akenzanga isizwe, nezahlulelo zakhe bona abazanga. Dumisani uJehova.