AmaHubo 146:1-10
AmaHubo 146:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Haleluya! Dumisa uSimakade, mphefumulo wami. Ngisaphila ngizomdumisa uSimakade, ngihube kuNkulunkulu wami ngisadla anhlamvana. Ningathembeli ezikhulwini nasemadodaneni abantu, eningeke nathola lusizo kubo. Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe, ngalo lolo suku amacebo akhe ayaphela. Ubusisiwe lowo omsizi wakhe kunguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuSimakade uNkulunkulu wakhe, owenze izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukulo, ogcina iqiniso kuze kube phakade. Obenzela ubulungiswa abacindezelweyo, opha abalambileyo ukudla, uSimakade uyazikhulula iziboshwa. USimakade uyawavula amehlo ezimpumputhe, zibone. USimakade uyabavusa abathotshisiweyo. USimakade uyabathanda abalungileyo. USimakade uyabavikela abafokazi, asize intandane nomfelokazi, kodwa abhuntshise indlela yezikhohlakali. USimakade ubusa kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, wena Ziyoni, izizukulwane ngezizukulwane. Haleluya!
AmaHubo 146:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Haleluya! Dumisa uJehova, mphefumulo wami. Ngisaphila ngiyakumdumisa uJehova, ngihube kuNkulunkulu wami ngisekhona. Ningethembi ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza. Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolo suku amacebo akhe ayaphela. Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe owenzile izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okuphakathi kwakho, ogcina iqiniso kuze kube phakade; obenzela abacindezelweyo ukwahlulela, obapha abalambileyo ukudla; uJehova uyakhulula iziboshwa. UJehova uyenza ukuba izimpumputhe zibone; uJehova uyavusa abathotshisiweyo; uJehova uyathanda abalungileyo. UJehova uyalondoloza abafokazi; uyaphasa intandane nomfelokazi; kepha indlela yababi uyayiphambanisa. UJehova uyabusa kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, Siyoni, ezizukulwaneni ngezizukulwane. Haleluya!
AmaHubo 146:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Dumisani uJehova. Mbonge uJehova, mphefumulo wami; Kuphila kwami ngiyakumdumisa uJehova; Ngifuna ukuhlabelela kuNkulunkulu wami ngisaphila. Ningathembeli ezikhulwini nasendodaneni yomuntu okungekho kuyo ukusiza. Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolosuku ingqondo yakhe yaphela. Ubusisiwe lowo omsizi wakhe uNkulunkulu kaJakobe, othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe. Owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, ogcina iqiniso kuze kube phakade; owahlulela abacindezelweyo, opha abalambileyo ukudla. UJehova uyabakhulula abathunjwa. UJehova uvula amehlo ezimpumputhe; uJehova uyabavusa abathotshisiweyo; uJehova uthanda olungileyo. UJehova uyabavikela abezizweni; uyasiza izintandane nabafelokazi, kepha indlela yababi uyayihlehlisa. UJehova uyakubusa njengenkosi kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, Siyoni, ezizukulwaneni ngezizukulwane. Dumisani uJehova.