AmaHubo 139:1-4
AmaHubo 139:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wena Simakade ungihlolisisile, uyangazi. Uyakwazi ukuhlala kwami nokuma kwami, uqonda umcabango wami ukude. Uhlola ukuhamba kwami nokulala kwami, uzazi zonke izindlela zami. Ngaphambi kokuba ngiphimise izwi ngomlomo wami, Wena Simakade usuke usukwazi konke.
AmaHubo 139:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi. Uyalwazi usizi lwami nokuhlubuka kwami, uqonda imicabango yami ukude. Uyahamba endleleni yami nombhede wami, futhi uyazazi zonke izindlela zami. Ngokuba alikho izwi olimini lwami, kepha bheka, Jehova, wena ulazi lonke.
AmaHubo 139:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi. Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami, uqonda umcabango wami ukude. Uyaphenya ukuhamba kwami nokulala kwami, wazana nezindlela zonke zami. Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova, ongalaziyo ngokupheleleyo.