AmaHubo 139:1-12
AmaHubo 139:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wena Simakade ungihlolisisile, uyangazi. Uyakwazi ukuhlala kwami nokuma kwami, uqonda umcabango wami ukude. Uhlola ukuhamba kwami nokulala kwami, uzazi zonke izindlela zami. Ngaphambi kokuba ngiphimise izwi ngomlomo wami, Wena Simakade usuke usukwazi konke. Ungizungeze ngemuva nangaphambili, wabeka isandla sakho phezu kwami. Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa, kuphakeme, anginakufinyelela kukho. Ngiyakuya kuphi, ngisuke eMoyeni wakho na? Ngiyakubalekelaphi, ngisuke phambi kwakho na? Uma ngikhuphukela ezulwini, Wena ulapho; uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu Wena. Uma ngithatha amaphiko okusa, ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle, nalapho isandla sakho siyakungihola, esokunene sakho singibambe. Uma bengithi: “Ubumnyama mabungehlele, ukukhanya kube ngubusuku kimi,” ubumnyama bebungayukuba ngubumnyama kuwe, ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini, ubumnyama bufane nokukhanya.
AmaHubo 139:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi. Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami, uqonda umcabango wami ukude. Uyaphenya ukuhamba kwami nokulala kwami, wazana nezindlela zonke zami. Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova, ongalaziyo ngokupheleleyo. Ungizungezile ngasemuva nangaphambili, wabeka isandla sakho phezu kwami. Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa; kuphakeme, anginakufinyelela kukho. Ngiyakuyaphi, ngisuke emoyeni wakho, na? Ngiyakubalekelaphi, ngimuke ebusweni bakho, na? Uma ngikhuphukela ezulwini, wena ulapho; uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena. Uma ngithabatha amaphiko okusa, ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle, nalapho isandla sakho siyakungihola, esokunene sakho singibambe. Uma bengithi: “Ubumnyama mabungehlele, ukukhanya kube ngubusuku kimi,” ubumnyama bebungayikuba mnyama kuwe, ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini, ubumnyama bufane nokukhanya.
AmaHubo 139:1-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi. Uyalwazi usizi lwami nokuhlubuka kwami, uqonda imicabango yami ukude. Uyahamba endleleni yami nombhede wami, futhi uyazazi zonke izindlela zami. Ngokuba alikho izwi olimini lwami, kepha bheka, Jehova, wena ulazi lonke. Wangizungeza ngemuva nangemuva, wabeka isandla sakho phezu kwami. Ulwazi olunjalo luyangimangalisa; iphakeme, angikwazi ukuyifinyelela. Ngiyakuyaphi ngisuka emoyeni wakho na? noma ngingabalekelaphi ebusweni bakho na? Lapho ngikhuphukela ezulwini, ulapho; lapho ngendlala umbhede wami esihogweni, bheka, Ukhona. Uma ngithatha amaphiko okusa, ngiphile ekupheleni kolwandle; Nalapho isandla sakho siyakungihola, esokunene sakho singibambe. Uma ngithi: Impela, ubumnyama buyangisibekela; nobusuku buyakuba ngukukhanya phezu kwami. Yebo, ubumnyama abucasuki kuwe; kepha ubusuku bukhanya njengemini: ubumnyama nokukhanya kungokwenu.