AmaHubo 130:1-8
AmaHubo 130:1-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngikhala kuwe Simakade ngiphansi otweni. Nkosi, yizwa izwi lami; izindlebe zakho mazilalele izwi lokunxusa kwami. Uma Wena Simakade ungaqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na? Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe. Ngizolindela uSimakade, umphefumulo wami uzolinda, ngiyalethemba izwi lakhe. Umphefumulo wami ulindela iNkosi kunabalindi abalindela ukusa. U-Israyeli makethembe uSimakade, ngokuba umusa ukuSimakade, nokukhulula konke kukuye. Uyomhlenga u-Israyeli kuzona zonke iziphambeko zakhe.
AmaHubo 130:1-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngikhala kuwe Jehova ngisotweni phansi. Nkosi, yizwa izwi lami; izindlebe zakho mazilalele izwi lokuncenga kwami. Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na? Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe. Ngiyalindela uJehova, umphefumulo wami uyalinda; ngiyalethemba izwi lakhe. Umphefumulo wami uyalindela iNkosi kunabalindi belindela ukusa. U-Israyeli makamethembe uJehova, ngokuba umusa ukuJehova, nokukhulula okuningi kukuye. Uyakumhlenga u-Israyeli eziphambekweni zakhe zonke.
AmaHubo 130:1-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
(Ihubo.) Ekujuleni ngakhala kuwe, Jehova. Nkosi, yizwa izwi lami; izindlebe zakho mazilalele izwi lokunxusa kwami. Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na? Kodwa kuwe kukhona ukuthethelelwa, ukuze wesatshwe. Ngimlindele uJehova, umphefumulo wami uyalinda, futhi ngiyathemba izwi lakhe. Umphefumulo wami ulindele iN kosi kulalabo abalindela ukusa; Ngithi, ngaphezu kwalabo abalindele ikusasa. U-Israyeli makathembele kuJehova, ngokuba kuJehova kukhona umusa, futhi kuye kukhona insindiso enkulu. Iyakukhulula u-Israyeli kuzo zonke izono zakhe.