AmaHubo 119:97-128

AmaHubo 119:97-128 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Umthetho wakho ngiwuthanda kakhulu. Ngizindla ngawo usuku lonke. Ngemiyalo yakho, ngiyahlakanipha kunezitha zami, ngokuba inami kuze kube phakade. Nginokuqonda okubedlula bonke abangifundisayo, ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho. Ngiqonda ukwedlula izingwevu, ngokuba ngigcina iziyalezo zakho. Ngiyazinqanda izinyawo zami ezindleleni zonke zokubi, ukuze ngigcine izwi lakho. Ezehlulelweni zakho, angichezuki, ngokuba Wena uyangifundisa. Anambitheka kamnandi amazwi akho, adlula uju emlonyeni wami. Ngeziyalezo zakho ngizuza ukuqonda, ngalokho-ke ngiyazizonda zonke izindlela zamanga. Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami. Ngifungile, futhi ngakuqinisekisa ukuthi ngizozigcina izehlulelo zakho ezilungileyo. Simakade, ngihlupheka kakhulu, ngiphilise ngokwezwi lakho. Simakade, yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami, ungifundise izehlulelo zakho. Umphefumulo wami usesandleni sami njalo, nokho umthetho wakho angiwukhohlwa. Izikhohlakali zingicuphile, kepha angichezukanga eziyalezweni zakho. Ubufakazi bakho buyifa lami laphakade, ngokuba buwukuthokoza kwenhliziyo yami. Inhliziyo yami ngiyinamathelise ekwenzeni izimiso zakho, kuze kube sekupheleni. Ngiyabazonda abanhliziyo mbili, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda. Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; ngiyalethemba izwi lakho. Sukani kimi, nina enenza okubi, ngokuba mina ngizoyigcina imiyalo kaNkulunkulu wami. Ngiphase ngokwezwi lakho, ukuze ngiphile, ngingajabhi ngethemba lami. Ngisekele, ngize ngisindiswe, ukuze ngiqikelele ukugcina izimiso zakho njalo. Uyabalahla bonke abachezuka ezimisweni zakho, ngokuba ubuqili babo buyize. Zonke izikhohlakali emhlabeni uzichitha njengamanyela, ngalokho-ke ngiyabuthanda ubufakazi bakho. Umzimba wami uyathuthumela ngenxa yokukwesaba, ngiyazesaba izehlulelo zakho. Ngenze ubulungiswa nokulunga; unganginikeli kwabangicindezelayo. Qinisekisa inhlalakahle yenceku yakho; ungabavumeli abazidlayo bangicindezele. Amehlo ami alangazelela insindiso yakho nezwi lokulunga kwakho. Inceku yakho iphathe ngomusa wakho, ungifundise izimiso zakho. Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo ukuba ngazi ubufakazi bakho. Sekuyisikhathi sokuba uSimakade asukume, ngokuba bawuphulile umthetho wakho. Ngalokho ngiyayithanda imiyalo yakho kunegolide, impela kunegolide elicwengekileyo. Ngakho-ke ngiyavuma ukuthi imiyalo yakho yonke ilungile; ngiyazizonda zonke izindlela zamanga.

AmaHubo 119:97-128 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

MEM. O, yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! lokhu kungukuzindla kwami usuku lonke. Ungenze ngahlakanipha kunezitha zami ngemiyalo yakho, ngokuba inami njalo. Ngiyaqonda kunabo bonke abafundisi bami, ngokuba izifakazelo zakho ziyikuzindla kwami. Ngiyaqonda kunabadala, ngokuba ngiyagcina imiyalo yakho. Ngizinqandile izinyawo zami kuzo zonke izindlela ezimbi, ukuze ngigcine izwi lakho. Angichezuki ezahlulelweni zakho, ngokuba ungifundisile. Amnandi kangakanani amazwi akho emlonyeni wami! yebo, imnandi kunezinyosi emlonyeni wami. Ngemiyalo yakho ngiyazuza ukuqonda; ngalokho ngiyazonda zonke izindlela zenkohliso. MANJE. Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami. Ngifungile, ngizakugcwalisa, ukuthi ngizagcina izahlulelo zakho ezilungileyo. Ngicindezelwe kakhulu; Jehova, ngiphilise ngokwezwi lakho. Yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami, Jehova, ungifundise izahlulelo zakho. Umphefumulo wami usesandleni sami njalo, kepha umthetho wakho angiwukhohlwa. Ababi bangibekele ugibe, kepha angidukanga emiyalweni yakho. Ngidle ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kungukuthokoza kwenhliziyo yami. Ngithobisile inhliziyo yami ukwenza njalo izimiso zakho, kuze kube sekupheleni. SAMECH. Ngiyayizonda imicabango eyize, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda. Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; Ngethemba izwi Lakho. Sukani kimi nina benzi bokubi, ngokuba ngiyakugcina imiyalo kaNkulunkulu wami. Ngisekele ngokwezwi lakho, ukuze ngiphile, ungangijabhisi ngethemba lami. Ngisekele, ngizakusindiswa, ngigcine izimiso zakho njalo. Ubanyathele phansi bonke abaduka ezimisweni zakho, ngokuba inkohliso yabo ingamanga. Uyababhubhisa bonke ababi bomhlaba njengobibi; ngalokho ngiyathanda ubufakazi bakho. Inyama yami iyathuthumela ngenxa yakho; futhi ngiyazesaba izahlulelo Zakho. AIN. Ngenzé ubulungisa nokulunga; ungangishiyi kubacindezeli bami. Igcine kahle inceku yakho; abazidlayo mabangangicindezeli. Amehlo ami ayaphela ekusindisweni kwakho nasezwini lokulunga kwakho. Yenza encekwini yakho ngokomusa wakho, ungifundise izimiso zakho. Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo, ukuze ngazi ubufakazi bakho. Yisikhathi sakho, Jehova, sokuba usebenze, ngokuba umthetho wakho bawenzile ize. Ngalokho ngiyathanda imiyalo yakho kunegolide; yebo, ngaphezu kwegolide elihle. Ngakho ngibheka yonke imiyalo yakho ngakho konke ilungile; ngiyazonda zonke izindlela zamanga.

AmaHubo 119:97-128 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo. Ngemiyalo yakho ngiyahlakanipha kunezitha zami, ngokuba inami kuze kube phakade. Ngiyaqonda kunabo bonke abangifundisayo, ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho. Nginokuqonda kunabadala, ngokuba ngigcina iziyalezo zakho. Ngiyazinqanda izinyawo zami ezindleleni zonke zokubi, ukuze ngigcine izwi lakho. Ezahlulelweni zakho angichezuki, ngokuba wena uyangifundisa. Amnandi kangaka amazwi akho ekunambitheni kwami; adlula izinyosi emlonyeni wami. Ngeziyalezo zakho ngiyathola ukuqonda; ngalokho ngiyazonda zonke izindlela zamanga. Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami. Ngifungile; ukulonda izahlulelo zakho ezilungileyo ngakugcina. Ngiyahlupheka kakhulu; Jehova, ngiphilise ngokwezwi lakho. Jehova, yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami, ungifundise izahlulelo zakho: Umphefumulo wami usesandleni sami njalo; nokho umthetho wakho angiwukhohlwa. Ababi bangibekele ugibe, kepha angiduki eziyalezweni zakho. Ngidlile ifa lobufakazi bakho kuze kube phakade, ngokuba kuyintokozo yenhliziyo yami. Ngithobisile inhliziyo yami ukwenza izimiso zakho njalo, yebo, kuze kube sekupheleni. Ngiyabazonda abanhliziyo mbili, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda. Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami; ngiyethemba izwi lakho. Sukani kimi nina enenza okubi, ngokuba ngiyakugcina imiyalo kaNkulunkulu wami. Ngiphase ngokwezwi lakho, ukuze ngiphile, ngingajabhi ngethemba lami. Ngisekele, ngize ngisindiswe, ngibheke njalo izimiso zakho. Uyabadelela bonke abaduka ezimisweni zakho, ngokuba ubuqili babo buyize. Uyabalahla bonke ababi bomhlaba njengendiva; ngalokho ngiyathanda ubufakazi bakho. Inyama yami iyathuthumela ngovalo ngawe, ngiyesaba izahlulelo zakho. Ngiyenza ukwahlulela nokulunga; unganginikeli kubo abahluphi bami. Mela inceku yakho kube kuhle; abazidlayo mabangangicindezeli. Amehlo ami ayalangazelela insindiso yakho nezwi lokulunga kwakho. Yenza encekwini yakho ngokomusa wakho, ungifundise izimiso zakho. Ngiyinceku yakho; ngiphe ingqondo ukuba ngazi ubufakazi bakho. Kuyisikhathi sikaJehova sokusebenza, ngokuba bawenz' ize umthetho wakho. Ngalokho ngiyathanda imiyalo yakho kunegolide, yebo, kunegolide elicwengekileyo. Ngalokho ngiyavuma ukuthi imiyalo yakho yonke ilungile; ngiyazonda zonke izindlela zamanga.