AmaHubo 119:9-12
AmaHubo 119:9-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Omusha angayigcina kanjani indlela yakhe ihlanzekile na? Ngokugcina okwezwi lakho. Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke, mangingaphambuki emiyalweni yakho. Enhliziyweni yami ngiyalilonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe. Mawubongwe Wena Simakade, ungifundise izimiso zakho.
AmaHubo 119:9-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na? Ngokuqaphela okwezwi lakho. Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke; mangingaphambuki emiyalweni yakho. Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe. Mawubongwe wena Jehova, ungifundise izimiso zakho.
AmaHubo 119:9-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
BETH. Insizwa iyakuyihlanza ngani indlela yayo na? ngokuyinaka ngokwezwi lakho. Ngakufuna ngenhliziyo yami yonke; ungangivumeli ngiduke emiyalweni yakho. Izwi lakho ngalifihla enhliziyweni yami, ukuze ngingoni kuwe. Ubusisiwe wena Jehova, ngifundise izimiso zakho.