AmaHubo 119:161-176
AmaHubo 119:161-176 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Izikhulu zingizingela ngaphandle kwesizathu, kodwa inhliziyo yami yesaba izwi lakho. Ngiyathokoza ngezwi lakho njengomuntu ejabulela impango eningi. Amanga ngiyawazonda, futhi ngiyawenyanya, kodwa ngiyawuthanda umthetho wakho. Kasikhombisa ngosuku, ngiyakudumisa ngezehlulelo zokulunga kwakho. Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu; akukho sikhubekiso kubo. Simakade, ngethemba insindiso yakho, futhi nemiyalo yakho ngiyayigcina. Umphefumulo wami ugcina ubufakazi bakho; ngibuthanda kakhulu. Ngigcina iziyalezo zakho nemiyalo yakho, ngokuba izindlela zami zonke ziphambi kwakho. Ukukhala kwami makufinyelele phambi kwakho, Simakade; ngiqondise ngokwezwi lakho. Ukunxusa kwami makufinyelele phambi kwakho; ngihlenge ngokwezwi lakho. Umlomo wami mawuchichime indumiso, ngokuba uyangifundisa izimiso zakho. Ulimi lwami malukhulume izwi lakho, ngokuba imiyalo yakho yonke ilungile. Isandla sakho masibe lusizo kimi, ngokuba ngikhethe iziyalezo zakho. Ngiyayilangazelela insindiso yakho, Simakade; umthetho wakho uyintokozo yami. Umphefumulo wami mawuphile, ukudumise; izehlulelo zakho mazingisize. Ngiduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angiyikhohlwa imiyalo yakho.
AmaHubo 119:161-176 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Izikhulu ziyangizingela, kungekho sizathu, kepha inhliziyo yami iyesaba izwi lakho. Ngithokoza ngezwi lakho njengozuza impango enkulu. Amanga ngiyawazonda, ngiyawenyanya; umthetho wakho ngiyawuthanda. Kasikhombisa ngosuku ngiyakudumisa ngezahlulelo zokulunga kwakho. Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu; akukho sikhubekiso kubo. Ngiyethemba insindiso yakho, Jehova; imiyalo yakho ngiyayenza. Umphefumulo wami uyagcina ubufakazi bakho; ngiyabuthanda kakhulu. Ngiyagcina iziyalezo zakho nobufakazi bakho, ngokuba izindlela zami zonke ziphambi kwakho. Ukukhala kwami makusondele ebusweni bakho, Jehova; ngiqondise ngokwezwi lakho. Ukuncenga kwami makuze ebusweni bakho; ngihlenge ngokwezwi lakho. Umlomo wami mawuchichime indumiso, ngokuba uyangifundisa izimiso zakho. Ulimi lwami malukhulume izwi lakho, ngokuba imiyalo yakho yonke ilungile. Isandla sakho masibe lusizo kimi, ngokuba ngikhethile iziyalezo zakho. Ngiyalangazelela insindiso yakho, Jehova; umthetho wakho uyintokozo yami. Umphefumulo wami mawuphile, ukudumise; izahlulelo zakho mazingisize. Ngiyaduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angikhohlwa imiyalo yakho.
AmaHubo 119:161-176 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
SCHIN. Izikhulu zingizingele ngaphandle kwesizathu, kepha inhliziyo yami iyesaba izwi lakho. Ngiyathokoza ngezwi lakho njengozuza impango enkulu. Amanga ngiyawazonda, ngiyawenyanya, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda. Kasikhombisa ngosuku ngiyakudumisa ngezahlulelo zakho zokulunga. Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu, kakukho okubakhubekisayo. Jehova, ngiyethemba insindiso yakho, ngenza imiyalo yakho. Umphefumulo wami uyagcina ubufakazi bakho; futhi ngibathanda kakhulu. Ngiyayigcina imiyalo yakho nobufakazi bakho, ngokuba zonke izindlela zami ziphambi kwakho. TAU. Ukukhalela kwami usizo makusondele phambi kobuso bakho, Jehova; ngiqondise ngokwezwi lakho. Ukuncenga kwami makuze phambi kobuso bakho; ngisindise ngokwezwi lakho. Izindebe zami ziyakukhuluma indumiso lapho ungifundisa izimiso zakho. Ulimi lwami luyakukhuluma izwi lakho, ngokuba yonke imiyalo yakho ilungile. Isandla sakho masingisize; ngoba ngikhethile iziyalezo zakho. Ngilangazelela insindiso yakho, Jehova; nomthetho wakho uyintokozo yami. Umphefumulo wami mawuphile, ukudumise; futhi izahlulelo zakho mazingisize. Ngidukile njengemvu elahlekile; funa inceku yakho; ngoba kangiyikhohlwa imithetho yakho.