AmaHubo 119:1-6
AmaHubo 119:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Babusisiwe abaqotho endleleni, abahamba ngemithetho kaJehova. Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke, abangenzi ukungalungi, kepha behamba ezindleleni zakhe; wena usiyalezile ukuba sizigcine ngokwempela. Sengathi zingaqondiswa izindlela zami ukuba ngigcine izimiso zakho. Khona angiyikujabha; ngiyakuhlonipha iziyalezo zonke zakho.
AmaHubo 119:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
I-ALEPH. Ubusisiwe osendleleni engenabala, ohamba emthethweni kaJehova. Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe futhi abamfunayo ngenhliziyo yabo yonke. Futhi abenzi ububi; bahamba ezindleleni zakhe. Wasiyala ukuba sigcine imiyalo yakho eduze. Sengathi izindlela zami beziqondile ukugcina izimiso zakho! Khona angiyikujabha, uma ngigcina yonke imiyalo yakho.
AmaHubo 119:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Babusisiwe abandlela iqotho, abahamba ngomthetho kaSimakade. Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, abamfuna ngenhlizyo epheleleyo, abangakwenzi okungalungile, kodwa abahamba ezindleleni zakhe. Uyalile ukuba izimiso zakho zigcinwe impela. Sengathi izindlela zami zingagxila ekugcineni izimiso zakho; khona ngingeyukujabha, lapho ngihlonipha yonke imiyalelo yakho.