AmaHubo 105:1-4
AmaHubo 105:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bongani uSimakade, nibize igama lakhe, izenzo zakhe nizazise phakathi kwabantu. Mhlabeleleleni, nimhubele, nikhulume ngazo zonke izimangaliso zakhe. Dumisani igama lakhe elingcwele, mazithokoze izinhliziyo zabafuna uSimakade. Mfuneni uSimakade namandla akhe, nifunisise ubuso bakhe njalonjalo.
AmaHubo 105:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bongani uJehova, nibize igama lakhe, nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe. Hlabelelani kuye, nimhubele, nikhulume ngezimangaliso zakhe zonke. Zibongeni egameni lakhe elingcwele; mazithokoze izinhliziyo zabamfunayo uJehova. Funani uJehova namandla akhe, nifunisise ubuso bakhe njalo.
AmaHubo 105:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Dumisani uJehova; nibize igama lakhe, nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe. Hlabelelani udumo lwakhe, nihubele inkazimulo yakhe; landisani zonke izimangaliso zakhe. Zibongeni egameni lakhe elingcwele; mayijabule inhliziyo yabafuna uJehova. Funani uJehova namandla akhe; funani ubuso bakhe njalo.