AmaHubo 104:24-32
AmaHubo 104:24-32 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Simakade, yaze yaba miningi imisebenzi yakho, yonke uyenze ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho. Bheka nje ulwandle, lukhulu, lubanzi, kulo kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa, izilwane ezincane nezinkulu. Kulo kuntweza imikhumbi, inkanyamba yasolwandle oyidalileyo idlala kulo. Zonke lezi zidalwa zibheke Wena, ukuze uzinike ukudla kwazo ngesikhathi esifaneleyo. Uyazinika ukudla, zikubuthe; uvula isandla sakho, zisuthe ngokuhle. Uyasitheza ubuso bakho, zethuke, uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo. Uyathumela umoya wakho, zidalwe; wenza bube busha ubuso bomhlaba. Inkamulo kaSimakade mayime kuze kube phakade; uSimakade makathokoze ngemisebenzi yakhe, Yena obheka umhlaba, maqede uthuthumele, athinte izintaba, zithunqe.
AmaHubo 104:24-32 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho. Nantu ulwandle, lukhulu, lubanzi; lapho kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa, izilwane ezincane nezinkulu. Kuhamba khona imikhumbi, uLeviyathani* lowo omenzile ukuba adlale kulo. Zonke lezi zidalwa zibheka wena, ukuze uzinike ukudla kwazo ngesikhathi esiyiso. Uyazinika ukudla, zibuthe; uvula isandla sakho, zisuthe ngokuhle. Uyasitheza ubuso bakho, zethuke; uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo. Uyathumela umoya wakho, zidalwe; wenza bube busha ubuso bomhlaba. Inkazimulo kaJehova mayime kuze kube phakade; uJehova kathokoze ngemisebenzi yakhe, yena obheka umhlaba, besewuthuthumela, othinta izintaba, zithunqe.
AmaHubo 104:24-32 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
O Jehova, yeka ukuthi miningi kangakanani imisebenzi yakho! zonke wazenza ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele ingcebo yakho. Lunjalo lolu lwandle olukhulu nolubanzi, okukhona kulo izilwane ezinwabuzelayo ezingenakubalwa, ezincane nezinkulu. Lapho kuhamba imikhumbi; kukhona uLeviyathani owamenza ukuba adlale kulo. Bonke balindele wena; ukuthi ungabapha ukudla ngesikhathi esifanele. Lokho obanika khona, bayakubutha; Uyavula isandla sakho, zigcwele izinto ezinhle. Uyasitheza ubuso bakho, bayathuthumela; Uyawususa umoya wazo, ziyafa, zibuyele othulini lwazo. Uyathuma uMoya wakho, zidalwe, wenze bube busha ubuso bomhlaba. Inkazimulo kaJehova iyakuma kuze kube phakade; uJehova uyakuthokoza ngemisebenzi yakhe. Uyawubheka umhlaba, uthuthumele; Uthinta amagquma, ashunqe.