AmaHubo 104:16-35

AmaHubo 104:16-35 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Iyasutha imithi kaJehova, imisedari* yaseLebanoni ayitshalileyo, okwakhele kuyo izinyoni; ugolantethe unendlu yakhe kuyo imisayipuresi.* Izintaba eziphakemeyo ngezezimbuzi zasendle; amawa ayisiphephelo sezimbila. Wenza inyanga ibe ngeyokwahlukanisa izikhathi; ilanga liyazi ukushona kwalo. Wenza ubumnyama kube ngubusuku; phakathi kwabo kuphuma izilo zonke zasehlathini. Izingonyama ezintsha zibhongela impango, zifuna ukudla kwazo kuNkulunkulu. Liphuma ilanga, bese zibuyela phansi zilale emihumeni yazo. Bese kuphuma umuntu, aye emsebenzini wakhe nasekukhandlekeni kwakhe kuze kuhlwe. Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho. Nantu ulwandle, lukhulu, lubanzi; lapho kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa, izilwane ezincane nezinkulu. Kuhamba khona imikhumbi, uLeviyathani* lowo omenzile ukuba adlale kulo. Zonke lezi zidalwa zibheka wena, ukuze uzinike ukudla kwazo ngesikhathi esiyiso. Uyazinika ukudla, zibuthe; uvula isandla sakho, zisuthe ngokuhle. Uyasitheza ubuso bakho, zethuke; uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo. Uyathumela umoya wakho, zidalwe; wenza bube busha ubuso bomhlaba. Inkazimulo kaJehova mayime kuze kube phakade; uJehova kathokoze ngemisebenzi yakhe, yena obheka umhlaba, besewuthuthumela, othinta izintaba, zithunqe. Ngiyakumhubela uJehova kukho konke ukuphila kwami; ngiyakuhlabelela kuNkulunkulu wami ngisekhona. Ukuzindla kwami makube mnandi kuye; mina mangithokoze kuJehova. Izoni maziphele emhlabeni, kungabe kusaba khona ababi.

AmaHubo 104:16-35 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Imithi kaSimakade iyasuthisa, imisedari eLebhanoni ayitshalileyo, kwakhela kuyo izinyoni, unogolantethe unesidleke kuyo imisayiphuresi. Izintaba eziphakemeyo ngezezimbuzi zasendle, amawa ayisiphephelo sezimbila. Wenza inyanga ukuba ibe ngeyokwehlukanisa izinkathi, ilanga liyazi ukuthi lishona nini. Ubumnyama wenza ukuba bube wubusuku, phakathi kwabo izilo zonke zasehlathini ziyaphuma. Amabhongo amabhubesi agwavumele inyamazane, efuna ukudla kwawo kuNkulunkulu. Kuthi ngokuphuma kwelanga abuyele phansi emiphandwini yawo, alale. Kube sekuphuma umuntu, aye emsebenzini wakhe nasemshikashikeni wakhe, kuze kuhlwe. Simakade, yaze yaba miningi imisebenzi yakho, yonke uyenze ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho. Bheka nje ulwandle, lukhulu, lubanzi, kulo kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa, izilwane ezincane nezinkulu. Kulo kuntweza imikhumbi, inkanyamba yasolwandle oyidalileyo idlala kulo. Zonke lezi zidalwa zibheke Wena, ukuze uzinike ukudla kwazo ngesikhathi esifaneleyo. Uyazinika ukudla, zikubuthe; uvula isandla sakho, zisuthe ngokuhle. Uyasitheza ubuso bakho, zethuke, uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo. Uyathumela umoya wakho, zidalwe; wenza bube busha ubuso bomhlaba. Inkamulo kaSimakade mayime kuze kube phakade; uSimakade makathokoze ngemisebenzi yakhe, Yena obheka umhlaba, maqede uthuthumele, athinte izintaba, zithunqe. Ngizomhubela uSimakade, inqobo nje uma ngisaphila. Ngizohlabelelela uNkulunkulu wami ngisekhona. Kwangathi izizindlo zami zingamthokozisa, ngokuba ukuthokoza kwami kukuSimakade. Izoni maziphele emhlabeni, kungabe kusaba bikho zikhohlakali.

AmaHubo 104:16-35 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Izihlahla zikaJehova zigcwele ijusi; imisedari yaseLebanoni ayitshalayo; Lapho izinyoni zakha khona izidleke zazo, nonogolantethe, imisayipuresi iyikhaya lakhe. Amagquma aphakeme ayisiphephelo sezinyamazane; namadwala ngamacone. Wamisa inyanga ngezinkathi; ilanga liyakwazi ukushona kwalo. Wenza ubumnyama, kube sebusuku, lapho kukhasa khona zonke izilwane zasendle. Amabhongo ezingonyama abhongela impango yawo, afuna ukudla kwawo kuNkulunkulu. Ilanga liyaphuma, ziyabuthana, zilale emigodini yazo. Umuntu uyaphuma aye emsebenzini wakhe nasekukhandlekeni kwakhe kuze kuhlwe. O Jehova, yeka ukuthi miningi kangakanani imisebenzi yakho! zonke wazenza ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele ingcebo yakho. Lunjalo lolu lwandle olukhulu nolubanzi, okukhona kulo izilwane ezinwabuzelayo ezingenakubalwa, ezincane nezinkulu. Lapho kuhamba imikhumbi; kukhona uLeviyathani owamenza ukuba adlale kulo. Bonke balindele wena; ukuthi ungabapha ukudla ngesikhathi esifanele. Lokho obanika khona, bayakubutha; Uyavula isandla sakho, zigcwele izinto ezinhle. Uyasitheza ubuso bakho, bayathuthumela; Uyawususa umoya wazo, ziyafa, zibuyele othulini lwazo. Uyathuma uMoya wakho, zidalwe, wenze bube busha ubuso bomhlaba. Inkazimulo kaJehova iyakuma kuze kube phakade; uJehova uyakuthokoza ngemisebenzi yakhe. Uyawubheka umhlaba, uthuthumele; Uthinta amagquma, ashunqe. Ngithanda ukuhlabelela inkazimulo kaJehova zonke izinsuku zami; Ukuzindla kwami kuye makube mnandi; ngiyakuthokoza ngoJehova. Izoni maziqedwe emhlabeni, kungabe kusaba khona ababi. Mbonge uJehova, mphefumulo wami; Dumisani uJehova.