AmaHubo 102:4-11
AmaHubo 102:4-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Umphefumulo wami udangele, wabunisa okotshani, inhliziyo yami imnyama, ukudla akusangeni. Ngenxa yokugqiha kwami, ngibubula, amathambo ami asenamathele esikhumbeni. Ngifana nomandukulu ehlane, nginjengesikhova kwahlongasibi. Abehli ubuthongo, ngifana nenyoni ehleli yodwa ophahleni lwendlu. Izitha zami zingethuka usuku lonke, abangihlambalazayo bayangiqalekisa. Ngikhume umlotha njengesinkwa, nengikuphuzayo ngakuxubanisa nezinyembezi, ngenxa yentukuthelo nolaka lwakho, ungiqukule wangilahla kude. Izinsuku zami zifana nethunzi seliyoshona, mina luqobo, ngibuna njengotshani.
AmaHubo 102:4-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Inhliziyo yami ishayiwe, ibunile njengotshani, ngokuba ngiyakhohlwa ukudla isinkwa sami. Ngenxa yezwi lokububula kwami amathambo ami anamathele enyameni yami. Ngiyafana nevuba ehlane, nginjengesikhova kwahlongasibi. Ngiyaqwasha, nginjengenyoni eyodwa ophahleni lwendlu. Izitha zami ziyangithuka usuku lonke; abahlanya ngami bayangiqalekisa. Ngokuba ngidlile umlotha njengesinkwa, nophuzo lwami ngiluxubanisile nezinyembezi. Ngenxa yentukuthelo nolaka lwakho ungifukulile, wangilahla. Izinsuku zami zinjengethunzi elandayo; mina uqobo ngiyabuna njengotshani.
AmaHubo 102:4-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Inhliziyo yami ishayekile, ibunile njengotshani; ngize ngikhohlwe ukudla isinkwa sami. Ngenxa yezwi lokububula kwami amathambo ami anamathele esikhumbeni sami. Nginjengevuba lasogwadule, nginjengesikhova sasogwadule. Ngibhekile nginjengondlunkulu uwedwa ophahleni. Izitha zami ziyangithuka usuku lonke; nabangithukuthelela bafunga ngami. Ngokuba ngidle umlotha njengesinkwa, ngixubanise okuphuzwayo kwami nezinyembezi; Ngenxa yolaka lwakho nentukuthelo yakho, ngokuba wangiphakamisa wangiphonsa phansi. Izinsuku zami zinjengethunzi eliwayo; ngabuna njengotshani.