AmaHubo 1:1-6
AmaHubo 1:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeseluleko sababi, ongemi endleleni yezoni, ongabi mdibi munye nabaklolodayo, kodwa othokoza ngoMthetho kaSimakade, azindle ngawo imini nobusuku. Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo, esimaqabunga aso angabuni. Uyaphumelela kukho konke akwenzayo. Kepha abanjalo ababi, kodwa bafana namakhoba apheshulwa ngumoya. Ngakho-ke ababi abanakuma ngosuku lokwehlulelwa, nezoni, ebandleni labalungileyo. Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyakubhujiswa.
AmaHubo 1:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali enkundleni yabaklolodayo, kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova, ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku. Unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi, othela isithelo sawo ngesikhathi sawo, oqabunga lawo lingabuni, nakho konke akwenzayo uyakuba nenhlanhla kukho. Ababi abanjalo, kepha banjengamakhoba aphephethwa ngumoya. Ngalokho ababi abayikuma ekwahlulelweni, nezoni ebandleni labalungileyo. Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo, kodwa indlela yababi yobhubha.
AmaHubo 1:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali esihlalweni sobukhosi sabaklolodayo. Kepha okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova; futhi uzindla ngomthetho wakhe imini nobusuku. Uyakuba njengesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi saso; neqabunga lawo aliyikubuna; futhi konke akwenzayo kuyophumelela. Ababi abanjalo, kodwa banjengamakhoba apheshulwa ngumoya. Ngakho ababi abayikuma ekwahlulelweni, nezoni azikho ebandleni labalungileyo. Ngokuba uJehova uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyobhubha.