IzAga 9:6-9
IzAga 9:6-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Shiyani izinto zobuwula, niphile, nihambe ngendlela yokuqonda. “Osola isedeleli uzibangela ukwethukwa, nothethisa isikhohlakali uziholela ukulimala. Ungasithethisi isedeleli, funa sikuzonde; sola ohlakaniphileyo, uyakukuthanda. Yala ohlakaniphileyo, uzohlakanipha kakhulu; ufundise olungileyo, uzothuthuka ngokuqonda.
IzAga 9:6-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Yekani ubuwula, niphile, nihambe ngendlela yokuqonda. “Osola isideleli uzithathela inhlamba; othethisa omubi uzitholela isisihla. Ungathethisi isideleli, funa sikuzonde; thethisa isihlakaniphi, siyakukuthanda. Siphe isihlakaniphi, siyakwanda ngokuhlakanipha; fundisa olungileyo, uyakwenezela emfundweni.
IzAga 9:6-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Yekani iziwula niphile; uhambe ngendlela yokuqonda. Okhuza isideleli uzizuzela ihlazo; futhi lowo okhuza omubi uthola ibala kuye. Ungamkhuzi umdeleli, funa akuzonde; khuza ohlakaniphileyo, uyakukuthanda. Mfundise ohlakaniphileyo, uyakuhlakanipha nakakhulu; fundisa olungileyo, khona-ke uyoba nemfundo eyengeziwe.