IzAga 8:6-10
IzAga 8:6-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lalelani izinto ezinkulu engizikhulumayo; amazwi aphuma ezindebeni zomlomo wami angubuqotho, ngokuba umlomo wami uzakukhuluma iqiniso; ububi buyisinengiso ezindebeni zami. Wonke amazwi avela emlonyeni wami angukulunga; akukho lutho kuwo okuyisigwegwe nokuphambeneyo. Kumuntu oqondayo wonke aqondile, alungile kulowo othole ulwazi. Yamukelani ukuyala kwami kunesiliva, nolwazi, kunegolide lekhethelo
IzAga 8:6-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Zwanini, ngokuba ngiyakulanda okukhulu; ukukhamisa kwezindebe zami kuyakuba ngokulungileyo. Ngokuba umlomo wami uyakukhuluma iqiniso; ububi buyisinengiso ezindebeni zami. Onke amazwi omlomo wami asekulungeni; akukho okuyisigwegwe nokuphambeneyo kuwo. Aqondile onke koqondayo; alungile kothola ukwazi. Yamukelani ukufundisa kwami kunesiliva, nokwazi kunegolide elikhethekileyo.
IzAga 8:6-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Yizwani; ngoba ngizokhuluma izinto ezinhle kakhulu; nokuvulwa kwezindebe zami kuyoba yizinto zangempela. Ngokuba umlomo wami uyakukhuluma iqiniso; ububi buyisinengiso ezindebeni zami. Wonke amazwi omlomo wami asekulungeni; akukho okubi noma okuphambene kuzo. Wonke acacile kwabahlakaniphileyo, alungile kwabathola ukwazi. Yamukelani ukulaywa kwami, hatshi isiliva; nolwazi kunegolide elihle.