IzAga 8:22-29
IzAga 8:22-29 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wangizuza ngingukuqala kwendlela yakhe, ngaphambi kwemisebenzi yakhe yasendulo. Mina ngamiswa kwaphakade, kusukela ekuqaleni, lapho umhlaba ukhona. Lapho zingasekho ukujula, ngazalwa; lapho kwakungekho mithombo egcwele amanzi. Izintaba zingakaqiniswa, amagquma engakazalwa; Engakawenzi umhlaba, namasimu, nezingxenye eziphakemeyo zothuli lwezwe. Lapho elungisa izulu, ngangikhona; Lapho eqinisa amafu phezulu, lapho eqinisa imithombo kazamcolo wezwe. Lapho eyala ulwandle ukuba amanzi angeqi umyalo wakhe, lapho emisa izisekelo zomhlaba.
IzAga 8:22-29 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“USimakade wangidala kuqala kunayo yonke imisebenzi yakhe; ngingowokuqala emisebenzini yakhe. Wangimisa kwasemandulo, ekuqaleni, ngaphambi kokusekelwa komhlaba. Zingakabi bikho izinzulu nemithombo egcwele amanzi, ngazalwa. Zingakasekelwa izintaba nangaphambi kokuba amagquma abe khona, ngazalwa, ngaphambi kokuba enze umhlaba namasimu, nohlamvu lokuqala lothuli lomhlaba. Ngesikhathi ehlela amazulu ngangikhona; nalapho edweba isiyingi ezinzulwini otweni. Lapho enza isibhakabhaka phezulu siqine, nangesikhathi imithombo yezinzulu iphuphuma ngamandla; lapho emisela ulwandle umkhawulo, ukuze amanzi angeqi umyalo wakhe; lapho emisa izisekelo zomhlaba
IzAga 8:22-29 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“UJehova wangidala ngingukuqala kwendlela yakhe ngaphambi kwemisebenzi yamandulo. Ngamiswa kwaphakade kwasekuqaleni, umhlaba ungakabikho. Lungakabikho utwa ngazalwa, ingakabikho imithombo egcwele amanzi. Zingakasekelwa izintaba, namagquma engakabikho, ngazalwa, engakawenzi umhlaba namasimu, nokuqala kothuli lwezwe. Ekulungiseni kwakhe izulu ngangikhona, nasekudwebeni kwakhe umkhathi ebusweni botwa. Lapho enza ukuba isibhakabhaka phezulu siqine, nemithombo yotwa iphuphume ngamandla, lapho emisela ulwandle umncele, ukuze amanzi angeqi izwi lakhe, nalapho emisa izisekelo zomhlaba