IzAga 8:1-5
IzAga 8:1-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ukuhlakanipha akumemezi yini, nokuqonda akukhiphi izwi lakho na? Kumi esiqongweni sezindawo eziphakemeyo, ngasendleleni phakathi kwemikhondo. Ngaseceleni kwamasango, ngasekungeneni komuzi, lapho kungenwa ngeminyango, kuyamemeza ngokuthi: “Ngiyanibiza nina madoda; izwi lami likumadodana abantu. Qondani ukuhlakanipha nina eningenalwazi; nani ziwula, manibe nenhliziyo eqondileyo.
IzAga 8:1-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ukuhlakanipha akumemezi yini, nokuqonda akuvezi yini ilaka lakho na? Kumi ezindaweni eziphakemeyo ngasendleleni, kwakhile ngaseziphambanweni zezindlela, ngasekungeneni, emasangweni omuzi kuyamemeza, kuthi: “Ngiyanibiza nina bantu; izwi lami liqondiswe kubantwana babantu. Nina eningenalwazi qondani ukuhlakanipha; nani ziwula, yibani nenhliziyo eqondayo.
IzAga 8:1-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ukuhlakanipha akukhali na? futhi isizathu sezwakala izwi lakhe? Umi esiqongweni sezindawo eziphakemeyo, ngasendleleni ezindaweni zezindlela. Ibiza emasangweni, ekungeneni komuzi, ekungeneni kweminyango. Ngiyanibiza, madoda; futhi izwi lami libhekise kubantwana babantu. Nina bangenalwazi, qondani ukuhlakanipha, nani ziwula, hlakaniphani ngenhliziyo.