IzAga 5:18-21
IzAga 5:18-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Mawubusiswe umthombo wakho, uthokoze ngomfazi wobusha bakho. Uyindluzelekazi ethandayo, negogokazi elihle; amabele akhe mawakwenelise njalo, uhlale ugajwe uthando lwakhe. Ndodana yami, yini ekwenza uhlanyiswe ngumfazi ondindayo, ugone umfazi ongamazi esifubeni na? Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaSimakade; uyayilinganisa yonke imikhondo yakhe.
IzAga 5:18-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Mawubusiswe umthombo wakho, uthokoze ngomfazi wobusha bakho. Uyindluzelekazi ethandayo negogokazi elihle; amabele akhe mawakudelise ngesikhathi sonke, weqiwe njalo luthando lwakhe. Ubuyakweqelwani ngowesifazane ondindayo, ndodana yami, ugone isifuba somfokazi, na? Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaNkulunkulu; uyenza yonke imikhondo yakhe ukuba ilingane.
IzAga 5:18-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Mawubusiswe umthombo wakho, ujabule ngomfazi wobusha bakho. Makabe njengensephe ethandekayo nensephe ethandekayo; amabele akhe makakusuthise njalo; njalo ukhangwe ngothando lwakhe. Futhi kungani wena, ndodana yami, uthakathwa ngowesifazane ongaziwa futhi ugone isifuba sowezizwe? Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaJehova, uyaziqaphela zonke izindlela zakhe.