IzAga 4:23-26
IzAga 4:23-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Gcina inhliziyo yakho kukho konke okulondayo, ngokuba yona ingumthombo wokuphila. Qhela ekukhulumeni okugwegwile, dedisela kude nawe izindebe ezonakele. Amehlo akho mawabheke phambili, nezinkophe zakho ziqonde phambi kwakho. Hlelemba indlela yezinyawo zakho ukuze ziphephe zonke izindlela zakho.
IzAga 4:23-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila. Susa kuwe ukuphambana komlomo, nezindebe eziyisigwegwe uzidedisele kude nawe. Amehlo akho mawabheke phambili, nezinkophe zakho maziqonde phambi kwakho. Yenza umkhondo wonyawo lwakho ukuba ulingane, ziqine zonke izindlela zakho.
IzAga 4:23-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Qapha inhliziyo yakho ngakho konke ukukhuthala; ngoba kuyo kuvela imithombo yokuphila. Khipha umlomo omubi kuwe, nezindebe ezisontekile zikude nawe. Amehlo akho mawabheke ngqo, nezinkophe zakho mazibheke phambili. Hlela umkhondo wezinyawo zakho, futhi zonke izindlela zakho maziqine.